I-UDM iyifuna esigcawini eyokucishwa kukagesi
I-UDM ifuna iPhalamende lidingide umthelela wokunqanyulwa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
I-UDM isibhalele uSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, imcela ukuthi kube nenkulumo-mpikiswano.
Le nhlangano iphinde yenza nesiphakamiso sokuthi ikomiti elibhekelele ukusebenza koMnyango wezamaBhizinisi kaHulumeni ePhalamende, libize izikhulu ze-Eskom, ukuba zizochaza ngokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kwakamuva.
Njengamanje, iPhalamende lisathathe ikhefu, liyoze libuye ngo-Agasti 15.
Ngesonto eledlule, kwenyuke kakhulu ukucishwa kukagesi njengoba kuke kwaba ngaphansi kwesigaba sesithupha.
Njengamanje, kungaphansi kwesigaba sesinefuthi kubuye kushintshelwe kwesesithupha.
USotswebhu we-UDM, uMnuz Nqabayomzi Kwankwa, uthe bafuna lolu daba lubhungwe ngokushesha.
“Abantu bakuleli lizwe bafuna isisombululo ngokushesha. Ukucishwa kukagesi kunomthelela omubi ebantwini bakuleli nakosomabhizinisi. Thina njengabaholi bezepolitiki kufanele sithole izimpendulo ngalesi simo.”
UKwankwa uthe inkulumompikiswano izonikeza wonke amaqembu ezepolitiki ameleleke ePhalamende, ithuba lokuqhamuka nesisombululo enkingeni.
“Inkulumo-mpikiswano yasePhalamende inikeza wonke amaqembu ezepolitiki ithuba lokuthi abeke iziphakamiso. Kwesinye isikhathi uhulumeni uyaye azithathe azisebenzise lezo ziphakamiso zamaqembu ezepolitiki uma ebona ukuthi zizosebenza. Esikukhalelayo njengamanje ukuthola ithuba lokuqhamuka nesisombululo.”
UKwankwa uthe izikhulu ze-Eskom nazo kufanele zichazele ikomiti lasePhalamende, ngokuholele ekutheni kunyuke ukucishwa kukagesi.
“Kuyishwa ukuthi selokhu kuqale lesimo sokucishwa kukagesi thina njengePhalamende asikaze sithole incazelo eqhamuka kwi-Eskom. Konke esikwaziyo njengamanje sikuzwa ngabezindaba.
“Isimo esikhona njengamanje senza kubukeke sengathi iPhalamende alinabaholi. Yingakho sifuna kubizwe zonke izikhulu ze-Eskom, khona sizothola ukuthi inkinga ikuphi ngempela.”
UKwankwa uthe uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, naye kuzofanele aphendule ngokuqhubeka e-Eskom.
“I-Eskom ingaphansi komnyango wakhe. Wenza izethembiso zokuthi uzozilungisa zonke izinkinga ezibhekene ne-Eskom. Kodwa kubukeka sengathi izinkinga ziya phambili.”
Ngokolunye uhlangothi, iBlack Business Council, yona ithe isikhulu esiphezulu kwi-Eskom, uMnuz Andre de Ruyter, kufanele sikhonjwe indlela.
Isikhulu esiphezulu kwiBlack Business Council, uMnuz Kganki Matabane, sithe uDe Ruyter uhluleke wancama ukushintsha isimo se-Eskom.
“Wayekade eqashelwe into eyodwa, ukushintsha isimo se-Eskom. Uhlulekile ukwenza lokho futhi isimo sesisibi kakhulu manje. Kufanele aphendule ngokwehluleka kwakhe ukwenza umsebenzi.
“Esikhundleni sokwenza umsebenzi, ulokhu ebeka izaba. Ukhala ngeziteleka nokulawulwa koMbuso yidlanzana. Iqiniso ukuthi indaba yesiteleka into yayizolo, ukucishwa kukagesi kade kwaqala.”