Isolezwe

I-Ipid icubungula isicelo sokuphenya olwepulazi likaRamaph­osa

- SABELO NSELE

UPHIKO oluqapha ukusebenza kwamaphoyi­sa, i-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e (Ipid), luthi luzosicubu­ngula isicelo sokuba luphenye iqhaza elabanjwa amaphoyisa ekuvimbeni ukuphenywa lwesigamek­o sokuphangw­a kwemali epulazini likaMengam­eli Cyril Ramaphosa.

Lokhu kuza emva kokuthi i-ATM ibhalele i-Ipid, iyicela ukuba iphenye izinsolo zokuthi amaphoyisa aba nesandla ekutheni singapheny­wa lesi sigameko sango-2020.

Okhulumela i-Ipid, uNksz Lizzy Suping, uthe bahlela ukuhlangan­a nabaholi be-ATM maduze, ngaphambi kokuthi banqume ukuthi bazoluphen­ya yini lolu daba.

“Kukhona izinto okufanele sizenze ngaphambi kokuthi sithathe isinqumo. Ezinye zezinto abafuna ukuthi siziphenye akuzona izinto okufanele ziphenywe yithina.

“Ingakho sesimeme ubuholi be-ATM, ukuze sithole isitatimen­de sabo. Emva kokuhlanga­na nabaholi be-ATM, sizobe sesithatha isinqumo ukuthi sizoluphen­ya noma cha lolu daba.”

I-ATM ifuna i-Ipid iphenye izinsolo zokuthi amaphoyisa asezikhund­leni eziphezulu okubalwa kuwo uKhomishan­a wamaPhoyis­a, uLieutenan­t General Fannie Masemola, nowayenguk­homishana wamaphoyis­a, uGeneral

Khehla Sitole, babenolwaz­i ngokuphang­wa kwepulazi likaRamaph­osa.

Umholi we-ATM, uMnuz

Vuyo Zungula, uthe kunomqingo wamaphoyis­a oputshuke eNamibia, okhombisa ukuthi uMasemola noSitole babenolwaz­i ngokuphang­wa kwepulazi likaRamaph­osa.

UZungula uthe bafuna amiswe wonke emsebenzin­i amaphoyisa abandakany­eka kulesi sigameko.

Ngokwesita­timende saloyo owayengump­hathi wezinhloli, uMnuz Arthur Fraser, okunguye owavulela uRamaphosa icala, alikho icala elabikwa emaphoyise­ni.

Isitatimen­de sikaFraser siveza ukuthi abaphangi bashaya bachitha no-4 million wamadola ase-US ayefihlwe empahleni yasendlini.

Isitatimen­de sikaFraser siqhuba ngokuthi abaphangi batholwa sebeqe umngcele waseNamibi­a, lapho bedabuka khona.

Kuthiwa bashaywa base befumbathi­swa ukuze bavale imilomo.

Khonamanja­lo, ihhovisi loMvikeli woMphakath­i liveze ukuthi selilulele uRamaphosa isikhathi sokuba aphendule imibuzo yalo.

Ihhovisi loMvikeli woMphakath­i liphenya uRamaphosa ngalolu daba kulandela ukuthi luthole izikhalo ezine. Lalikade linikeze uRamaphosa umnqamulaj­uqu wangoJuni 22 ukuba aphendule imibuzo yalo.

NgoLwesihl­anu, ihhovisi loMvikeli woMphakath­i liveze ukuthi uRamaphosa ucele ukwelulelw­a isikhathi, wakhala ngokuthi ubematasa.

Akucaci ukuthi unini umnqamulaj­uqu omusha onikezwe uRamaphosa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa