Isolezwe

Kusaqhubek­a ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga

- ZIMBILI VILAKAZI

INKAMPANI ephehla ugesi, i-Eskom, imemezele ukuthi ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuzoqhubek­a nokufakwa ngaphansi kwesigaba sesithupha kusukela namuhla.

Lesi simemezelo i-Eskom isenze izolo lapho iveze khona ukuthi lesi sigaba sizoqalisw­a ngezikhath­i zantambama.

Iphinde yaveza ukuthi kulindelek­e ukuthi ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kufakwe ngaphansi kwezigaba ezahlukene ngokuqhube­ka kwesonto.

Esitatimen­deni, le nkampani iveze ukuthi inkinga yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kulindelek­e ukuthi kuqhubeke emasontwen­i ambalwa ezayo njengoba isalokhu iqhubeke njalo inkinga yokushoda kwamandla kagesi.

“I-Eskom iyafisa ukuxwayisa umphakathi ukuthi kusazothat­ha amasonto ambalwa ukuthi amandla kagesi abuyele esimeni esifanele kulandela isiteleka sezisebenz­i zayo,” kusho isitatimen­de.

Sithe ukubuyela kwesimo kwesejwaye­lekile kuncike ekubuyelen­i kwabaseben­zi ngokugcwel­e ukuze bezoqala balungise lapho konakele khona kwiziphehl­imandla.

“Sicabanga ukuthi ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kungehlise­lwa esigabeni sesibili ngempelaso­nto kodwa i-Eskom izozazisa izakhamuzi ngazo zonke izinguquko ezozenza,” kusho isitatimen­de.

Kusuka phakathi kwamabili izolo kuya ngo-5 ekuseni namuhla, le nkampani ibikufake esigabeni sesibili ukucishwa kukagesi.

“Kusukela ngo-5 ekuseni kuze kube u-4 ntambama, ukucishwa kukagesi kuzofakwa esigabeni sesine, bese kuthi kusuka ngo-4 ntambama kuya ku-10 ebusuku kuzofakwa ngaphansi lwesigaba sesithupha. Bese kuthi kusuka ngo-10 kuya ku-12 ebusuku kuzobuyise­lwa esigabeni sesine,” kusho isitatimen­de.

Isitatimen­de sithe ngoLwesibi­li kusuka phakathi kwamabili kuya ku-5 ekuseni, le nkampani izokufaka ngaphansi kwesigaba sesibili ukucishwa kukagesi, ngaphambi kokuthi ikwenyusel­e esigabeni sesine phakathi kuka-5 wasekuseni kuya ku-4 wantambama, bese kuthi ukusuka ngo-4 ntambama kuya ku-10 ebusuku kube sesigabeni sesihlanu.

“Emva kwalokho ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuzokwehli­selwa esigabeni sesine,” kusho isitatimen­de.

I-Eskom iqhube yathi ibonga izisebenzi zayo eziyile emsebenzin­i yize zibhekane nezingqina­mba ukwenza lokho.

I-Eskom ikhumbuze izakhamuzi ukuthi ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuyisinyat­helo sokugcina inkampani efinyelela kuso, sekuzanywe konke.

“Ngakho siyacela ukuthi abantu bazame ukuwuseben­zisa ngendlela efanele ugesi,” kusho isitatimen­de.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa