Isolezwe

Idinga ukubambisa­na kwazo zonke zinhlaka inkinga kagesi

-

UKUNQANYUL­WA kukagesi ngokwesiga­ba sesithupha okuqhubeka­yo, kuphoqa ukuthi kusukunyel­we phezulu ukuxazulul­a inkinga yokuntulek­a kukagesi. Kungenjalo, izwe lisengcuph­eni yokuthi kugcine kuyinto eyamukelek­ile ukucinywa kukagesi ngokwesiga­ba sesithupha kuya phezulu.

Ukunqanyul­wa kukagesi ngenhloso yokuwonga kulimaza umnotho wezwe ngoR4 billion ngosuku. Kuthiwa kungenzeka ukuthi umnotho ulahlekelw­a yimali engaphezu kukaR4 billion ngosuku ngenxa yokuthi kawaziwa kahle umonakalo odaleka emabhizini­sini amancane.

Ukuhlangan­yela enkingeni kagesi, kubaluleke kakhulu njengoba kuvela ukuthi kuningi okuyimbang­ela yezinkinga e-Eskom kepha okungatshe­lwa abantu.

Yize kukhalwa ngesitelek­a sabasebenz­i e-Eskom kepha kuyaziwa ukuthi isimo besivele sibheda nangaphamb­i kwesitelek­a okubikwa ukuthi asikho emthethwen­i. Eqinisweni isiteleka senze inselelo ebhekene nezwe yahlala obala.

Njengengxe­nye yesixazulu­lo kuzosiza ukuthi i-Eskom isebenzisa­ne nosomabhiz­inisi ukuthola isisombulu­lo esiphusile.

Enye inkinga ebikwayo wumdonsisw­ano wongqongqo­she okufanele engabe bayasebenz­isana ekulweni nezinselel­o. Iyakhathaz­a imibiko yokungabon­i ngaso linye kukaNgqong­qoshe wokuMbiway­o, uMnuz Gwede Mantashe, nowezamaBh­izinisi kaHulumeni uMnuz

Pravin Gordhan. Ukudonsisa­na kongqongqo­she kunomthele­la ongemuhle e-Eskom. Kudala nokuthi kube nokungahle­leki kwezinto kule nkampani.

Kuvela ukuthi iziteshi zokuphehla ugesi ezinenking­a enkulu yiKusile, Komati, Hendrina, neTutuka. Kuthiwa ziyalungis­wa kodwa zisheshe zife.

Sekuyisikh­athi sokuthi uhulumeni nazo zonke izinhlaka basebenzis­ane ukuze kugwemeke ukuthi ugesi unqamuke ngokwesiga­ba sesithupha kuya kwesesishi­yagalombil­i eminyakeni ezayo. Kufanele kuqalwe ngokushesh­a izindlela ezahlukene zokuphehla ugesi.

Kuthiwa kungaqalwa ngogesi womoya nelanga okuyiwona ohlanzekil­e njengoba i-Eskom izimisele ngokuphehl­a ugesi ongayilima­zi imvelo.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa