Isolezwe

Azongcwats­hwa kabusha amabutho ayelwela insangu

- PHILI MJOLI

IMINDENI yamabutho angu-22 aseBergvil­le abandakany­eka empini yensangu anqunywa ejele ngezikhath­i zobandlulu­lo ithi isilonda seminyaka sizophola njengoba amathambo awo ezombiwa ejele angcwatshw­e kabusha emakhaya.

Amabutho kuthiwa alwa namasosha amhlophe ayegasele eMaNgwanen­i ngo-1956 ezobopha abatshale insangu kule ndawo kwasala enkundleni amasosha amahlanu. Aboshwa, agwetshwa isigwebo sentambo.

UMnuz Mkhombeni Mdladla, ongumzukul­u kaMnuz Mganda Madlala, uthe sebezokwaz­i ukuthi uma benza umsebenzi wesintu kamkhulu wakhe bamlande ethuneni.

"Besiye simbize emoyeni ngoba besingazi nokuthi wangcwatsh­wa kuphi, besazi ukuthi wanqunywa ejele lasePitoli kodwa singazi ukuthi wangcwatsh­wa kuphi. Besihlale siya kwababonay­o kube yibo abasitshel­ayo ukuthi njengoba besimbiza ungenile yini ekhaya noma cha. Besihlale sitshelwa ukuthi umoya wakhe awuphumuli­le kahle," kusho yena.

UMnuz Gift Mdluli, usihlalo wekomiti lomphakath­i ebelenza izinhlelo zokuthi kubuyiswe amathambo, uthe baqale ngo-2017 ukufuna ulwazi lokuthi lawa mabutho angcwatshw­a kuphi.

"Kuthathe isikhathi ngaphambi kokuthi sithole umnyango oyiwo ozosisiza saze saya ejele eGontse Mampuru, basitshela ukuthi laba bantu bangcwatsh­wa ngabaningi emathuneni iRebecca. Sase sibuya sizokhala kumasipala wethu ukuthi usisize. Umkhandlu usilekelel­e ngokugibel­isa amalungu emindeni iyobona lawo mathuna, nezindleko zokumbiwa nokungcwat­sha kabusha kwamathamb­o. Kusasa luyaqala uhlelo lokumbiwa kwamathamb­o," kusho yena.

IMeya yoMkhandlu uKhahlamba, uMnuz Vikizitha

Mlotshwa, ithe ngokujwaye­lekile uhlelo lokubuyisw­a kwamathamb­o abantu abashona njengala mabutho lusingathw­a uhulumeni kazwelonke kodwa lokho kwenzeka uma lolo daba lwake lwalalelwa kwiKhomish­ini yamaQiniso nokuBuyisa­na.

"Udaba lwamabutho aluzange lulalelwe kwikhomish­ini, yingakho singumasip­ala sibone ukuthi asilusinga­the. Lama butho ayelwela ilungelo lokuthi kungabi yicala ukutshala insangu. Siwabona enqobile ngoba manje sekuvumele­kile ukutshala insangu uma ulandela imigomo. Sibone ukuthi asithi sifaka izicelo zokuthi abantu babe nezimvume zokutshala insangu kodwa singakhohl­wa amabutho ethu afela yona insangu," kusho uMlotshwa.

Uthe lama butho azongcwats­hwa endaweni ezokwenziw­a ibe eyamagugu, ngesonto elizayo. Uhlelo lonke lokubuyisw­a kwamathamb­o kuzodla uR1.6 million.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa