Azongcwatshwa kabusha amabutho ayelwela insangu
IMINDENI yamabutho angu-22 aseBergville abandakanyeka empini yensangu anqunywa ejele ngezikhathi zobandlululo ithi isilonda seminyaka sizophola njengoba amathambo awo ezombiwa ejele angcwatshwe kabusha emakhaya.
Amabutho kuthiwa alwa namasosha amhlophe ayegasele eMaNgwaneni ngo-1956 ezobopha abatshale insangu kule ndawo kwasala enkundleni amasosha amahlanu. Aboshwa, agwetshwa isigwebo sentambo.
UMnuz Mkhombeni Mdladla, ongumzukulu kaMnuz Mganda Madlala, uthe sebezokwazi ukuthi uma benza umsebenzi wesintu kamkhulu wakhe bamlande ethuneni.
"Besiye simbize emoyeni ngoba besingazi nokuthi wangcwatshwa kuphi, besazi ukuthi wanqunywa ejele lasePitoli kodwa singazi ukuthi wangcwatshwa kuphi. Besihlale siya kwababonayo kube yibo abasitshelayo ukuthi njengoba besimbiza ungenile yini ekhaya noma cha. Besihlale sitshelwa ukuthi umoya wakhe awuphumulile kahle," kusho yena.
UMnuz Gift Mdluli, usihlalo wekomiti lomphakathi ebelenza izinhlelo zokuthi kubuyiswe amathambo, uthe baqale ngo-2017 ukufuna ulwazi lokuthi lawa mabutho angcwatshwa kuphi.
"Kuthathe isikhathi ngaphambi kokuthi sithole umnyango oyiwo ozosisiza saze saya ejele eGontse Mampuru, basitshela ukuthi laba bantu bangcwatshwa ngabaningi emathuneni iRebecca. Sase sibuya sizokhala kumasipala wethu ukuthi usisize. Umkhandlu usilekelele ngokugibelisa amalungu emindeni iyobona lawo mathuna, nezindleko zokumbiwa nokungcwatsha kabusha kwamathambo. Kusasa luyaqala uhlelo lokumbiwa kwamathambo," kusho yena.
IMeya yoMkhandlu uKhahlamba, uMnuz Vikizitha
Mlotshwa, ithe ngokujwayelekile uhlelo lokubuyiswa kwamathambo abantu abashona njengala mabutho lusingathwa uhulumeni kazwelonke kodwa lokho kwenzeka uma lolo daba lwake lwalalelwa kwiKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana.
"Udaba lwamabutho aluzange lulalelwe kwikhomishini, yingakho singumasipala sibone ukuthi asilusingathe. Lama butho ayelwela ilungelo lokuthi kungabi yicala ukutshala insangu. Siwabona enqobile ngoba manje sekuvumelekile ukutshala insangu uma ulandela imigomo. Sibone ukuthi asithi sifaka izicelo zokuthi abantu babe nezimvume zokutshala insangu kodwa singakhohlwa amabutho ethu afela yona insangu," kusho uMlotshwa.
Uthe lama butho azongcwatshwa endaweni ezokwenziwa ibe eyamagugu, ngesonto elizayo. Uhlelo lonke lokubuyiswa kwamathambo kuzodla uR1.6 million.