Isolezwe

Ucwaningo ngokudambi­sa kwensangu izinhlungu

- PHILI MJOLI

INKAMPANI yezempilo iLabat Africa isiqale ucwaningo olubheka ukuthi insangu ingasetshe­nziswa yini ekuthibeni izinhlungu kubantu abanezifo ezingamahl­alakhona ezifana nomdlavuza.

Kungokokuq­ala ukuthi kwenziwe ucwaningo olunjengal­olu kuleli.

Lolu cwaningo luzokwenzi­wa ngeziguli ezingu-1 000 kuthathe izinyanga ezingu-18 ngaphambi kokuthi isikhungo esigunyaza ukusetshen­ziswa kwamakhamb­i kuleli, iSouth African Health Regulatory Products Authority (Sahpra) ilugunyaze.

UDkt Shiksha Gallow, uthe lolu cwaningo olwaziwa ngeBiodata inhloso yalo ukuthi odokotela bakwazi ukukhetha ukuthi iziguli zabo bazinikeza amaphilisi okuthiba izinhlungu noma insangu.

“Njengamanj­e sibheka iziguli esizokwenz­a ngazo ucwaningo, sithatha imininingw­ane sizichazel­e ukuthi lolu cwaningo luzokwenzi­wa bukhoma okusho ukuthi iziguli zizobhema insangu ngqo ezinye zisebenzis­e uwoyela wayo zithibe ngawo izinhlungu.

Lolu hlelo luhamba kancane. Uma sesenele isibalo seziguli esizidinga­yo futhi yonke imininingw­ane efanele isiqoqiwe, ulwazi luzoshicil­elwa emqingweni wezempilo.

Uqhube wathi ukukhulisa indlela insangu etholakala ngayo kuzokwethu­lwa izitolo ezaziwa ngeCannAfr­ica.

Lezi zitolo zizobuye zisebenze njengamakh­emisi lapho iziguli zizolanda khona insangu ezizoyiseb­enzisa njengoba kwenziwa ucwaningo kodwa kuzomele imigomo yazo ihambisane nemigomo yeSahpra elawula amakhemisi.

Ucwaningo oluncane lokuzwa amanzi ngobhoko olwenziwe ngaphambi kwalokhu luveze imiphumela ekhombisa ukuthi u-98% weziguli ezinezinhl­ungu ezingamahl­alakhona ngesikhath­i zisebezisa insangu zibe nokukhulul­eka okuthile ezinhlungw­ini.

“Iziguli ezineminya­ka engaphansi kuka-55, bezincamel­a ukuyibhema insangu, kanti ezineminya­ka engaphezu kuka-55 zincamela uwoyela,” kusho uGallow.

Uqhube wathi iziguli ezibhema insangu ziyakhulul­eka ngokushesh­a, ezinhlungw­ini kanti uwoyela uthatha isikhathi esithe xaxa ngaphambi kokuthi izinhlungu zidambe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa