Ucwaningo ngokudambisa kwensangu izinhlungu
INKAMPANI yezempilo iLabat Africa isiqale ucwaningo olubheka ukuthi insangu ingasetshenziswa yini ekuthibeni izinhlungu kubantu abanezifo ezingamahlalakhona ezifana nomdlavuza.
Kungokokuqala ukuthi kwenziwe ucwaningo olunjengalolu kuleli.
Lolu cwaningo luzokwenziwa ngeziguli ezingu-1 000 kuthathe izinyanga ezingu-18 ngaphambi kokuthi isikhungo esigunyaza ukusetshenziswa kwamakhambi kuleli, iSouth African Health Regulatory Products Authority (Sahpra) ilugunyaze.
UDkt Shiksha Gallow, uthe lolu cwaningo olwaziwa ngeBiodata inhloso yalo ukuthi odokotela bakwazi ukukhetha ukuthi iziguli zabo bazinikeza amaphilisi okuthiba izinhlungu noma insangu.
“Njengamanje sibheka iziguli esizokwenza ngazo ucwaningo, sithatha imininingwane sizichazele ukuthi lolu cwaningo luzokwenziwa bukhoma okusho ukuthi iziguli zizobhema insangu ngqo ezinye zisebenzise uwoyela wayo zithibe ngawo izinhlungu.
Lolu hlelo luhamba kancane. Uma sesenele isibalo seziguli esizidingayo futhi yonke imininingwane efanele isiqoqiwe, ulwazi luzoshicilelwa emqingweni wezempilo.
Uqhube wathi ukukhulisa indlela insangu etholakala ngayo kuzokwethulwa izitolo ezaziwa ngeCannAfrica.
Lezi zitolo zizobuye zisebenze njengamakhemisi lapho iziguli zizolanda khona insangu ezizoyisebenzisa njengoba kwenziwa ucwaningo kodwa kuzomele imigomo yazo ihambisane nemigomo yeSahpra elawula amakhemisi.
Ucwaningo oluncane lokuzwa amanzi ngobhoko olwenziwe ngaphambi kwalokhu luveze imiphumela ekhombisa ukuthi u-98% weziguli ezinezinhlungu ezingamahlalakhona ngesikhathi zisebezisa insangu zibe nokukhululeka okuthile ezinhlungwini.
“Iziguli ezineminyaka engaphansi kuka-55, bezincamela ukuyibhema insangu, kanti ezineminyaka engaphezu kuka-55 zincamela uwoyela,” kusho uGallow.
Uqhube wathi iziguli ezibhema insangu ziyakhululeka ngokushesha, ezinhlungwini kanti uwoyela uthatha isikhathi esithe xaxa ngaphambi kokuthi izinhlungu zidambe.