‘Mancane amathuba okusabalala kukapokisi eNingizimu Afrika’
ISIKHUNGO esibhekelele izifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), sithi okwamanje asikabi khona isidingo sokuthi abantu bethuke njengoba bebabili eNingizimu Afrika okubikwe ukuthi banopokisi wezinkawu.
USolwazi Adrian Puren, umqondisi weNICD, uthe mancane amathuba okuthi lesi sifo sisabalale kakhulu ngoba asisabalali ngokushesha njengeCovid-19.
Ngeledlule kutholwe umuntu wesibili ohaqwe wupokisi. Lo muntu utholwe eWestern
Cape, owokuqala watholakala eGauteng. Bobabili abakaze bahambele kwamanye amazwe.
UPuren uthe iNICD isiqaphile isimo, abake basondelana nabanaso bayahlolwa ukuze kutholwe ukuthi bona abathelelekanga yini. Okunye okubhekwayo ukuthi akekho yini kubo oke wahlangana nomuntu obeke waphuma ezweni.
Uthe okwamanje abakhathazekile ngokuthi kungase kugcwale izibhedlela, ngaphandle uma bengaba baningi abantu abanenkinga yamasosha antekenteke noma zibe ziningi izingane ezineminyaka engaphansi kweminyaka eyisishiyagalombili ezingahaqwa wupokisi ngoba uba mandla kuzo.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Sibongiseni Dhlomo, liphawula ngalesi sifo, lithe umnyango awukhathazekile ngaso.
"Upokisi wezinkawu ungawufanisa notwayi, oluvamise ukuvela kwesingenhla somzimba womuntu nasezandleni. Lolu twayi luhambisana nomkhuhlane kodwa alulubi ngoba alufani namanye amagciwane athelelanayo ngoba ludinga ukuthi nize nithintane ukuze lidlulele komunye umuntu," kusho yena.
Uqhube wathi okwamanje ayikho imibandela engase ibekwe ukuze kulawulwe isifo efana nokuthi kuvalwe amazwe athile kodwa abanaso kungashiwo ukuthi abangahlangani nabanye abantu ngaleso sikhathi.
UMqondisi we-United Nations e-Afrika, uDkt Mathidiso Moeti, uthe ukutholwa kwabantu abanegciwane emazweni abengakaze abe nezigameko zalo kuyakhathaza.
Uthe okwamanje mathathu amazwe abengakaze abe nabantu abanaleli gciwane phambilini. Lawo mazwe uthe yiGhana,
Morocco neNingizimu Afrika.
Uthe abantu ababili abatholwe benegciwane eNingizimu
Afrika kuvela ukuthi abakaze baphumele ngaphandle kwakuleli futhi abakaze bathintane nabantu abebeke bahamba, okwenza ukuthi bacabange ukuthi lesi sifo sisabalala ngaphakathi kungaziwa ngoba mhlawumbe esibahaqayo ababi nazo izimpawu.
"Kufanele siqinise kakhulu izinhlelo esizisebenzisayo ukuze kuhlolwe abantu ukuthi abanalo ukuthi banaso yini lesi sifo, okwamanje iyona ndlela engasisiza ekutheni silawule ukusabalala kwaso," kusho yena.