Isolezwe

Izinhlelo zokuhlanza ukungcola eThekwini

- SIMPHIWE NGUBANE

INKINGA yokungaqoq­wa kukadoti emiphakath­ini eyakhele iTheku kulindelek­e ukuthi ixazululek­e ngemuva kokwethulw­a kwamaloli okuqoqa imfucuza angu-47.

Phambilini ukungaqoqw­a kukadoti kube yinkinga enkulu eThekwini umasipala usebenzisa osonkontil­eka ukuwuqoqa.

Lokhu kusolakala ukuthi kwagcina sekuvula intuba yenkohlaka­lo ngamathend­a okuqoqwa kukadoti okwaze kwaholela ekuboshwen­i kowayeyime­ya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ababeyizik­hulu zomkhandlu, amakhansel­a nosonkonti­leka.

Ngenxa yenkohlaka­lo, udoti wawusala uyizindimb­ane ungaqoqiwe ezindaweni eziningi ikakhuluka­zi eMlaza, omunye usakazwa emgwaqweni ngosonkont­ileka ababekhala ngokuthi umasipala awubakhokh­elile.

Umasipala wabe usuthatha isinqumo sokuwanqam­ula la mathenda, waziqoqela ngokwawo udoti.

NgoLwesihl­anu iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, iphini layo, uMnuz Philani Mavundla, nezikhulu zomkhandlu, bethule amaloli nezimoto ezinkulu zokuqoqa imfucuza okudle uR213 million, eSpringfie­ld.

Lo mkhandlu uthe ngo-2019 waqhamuka nesu lokuthi ubeke eceleni imali enguR500 million ozoyiseben­zisa iminyaka emithathu ngenhloso yokubhekan­a nezindleko zokuqoqwa kukadoti eThekwini.

Kulolu hlelo kwakuzothe­ngwa izimoto ezintsha zokuqoqa udoti, kutholakal­e indawo entsha okuzolahlw­a kuyona imfucuza bese kuthathwa abasebenzi ababeyitoh­o baqashwe ngokugcwel­e ngaphansi kwalo mkhandlu.

Ngo-Okthoba wangonyaka odlule umasipala uthe uqalile wathenga izimoto ezingu-59 okudle imali enguR170 million.

UKaunda uthe amaloli abekade esetshenzi­swa abesegugil­e yingakho amanye abesefa njalo.

“Sizoshints­ha indlela esibutha ngayo udoti emiphakath­ini. Sizophinde siqale umkhankaso wokufundis­a abantu ngokuqoqwa kukadoti,’’ usho kanjena.

Eqhuba uthe kule ndawo entsha yokulahla udoti, abayithole eNtshongwe­ni, bafuna ukuphendul­a imfucuza bakhiqize ugesi futhi kugwenywe nokungcoli­swa komoya ngesisi.

UKaunda uthe umsebenzi wokuhlanzw­a kwedolobha akumele kube owomkhandl­u kuphela kodwa nabantu kumele babambe iqhaza.

“Siyathemba ukuthi uma seyihlanze­kile indawo yethu izokwazi ukuthi ihehe nabatshali­mali nabavakash­i. Silungisa amamitha okukhokha lapho kupaka khona izimoto ukuze zingahlali usuku lonke okwenza kungashane­leki lapho ezisuke zimi khona,’’ usho kanjena.

Uthe uhlelo lokukhucul­ulwa kokungcola lufaka phakathi nokuvusele­lwa kwamabhili­di amadala asephenduk­e izidleke zezigilamk­huba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa