Isolezwe

UZungu ubheke isicoco kuTruter ngesizini ezayo

- SITHEMBISO MKHIZE Isolezwe

UFUNA inkomishi kwisizini ka-2022/23, uSandile Zungu, ongumengam­eli waMaZulu

FC.

USuthu lube ngelinye lamaqembu angene agxila emakethe selokhu kuvulwe iwindi lokuhwebel­ana ngabadlali ukulungise­lela isizini entsha yeDStv Premiershi­p. Okwamanje lusasike abayisishi­yagaloluny­e.

Laba ngoGeorge Maluleka, Dumisani Zuma, Augustine Kwem, Gabadinho Mhango, Thendo Mukumela, Veluyeke Zulu, Riaan Hanamub, Ethan Brooks, noRally Bwalya.

Kunemibiko ethi maduze, lungase lujoyinwe uRamahlwe Mphahlele oxoshwe iKaizer

Chiefs.

Nakuba uZungu engaliveza­nga igama likaMphahl­ele kodwa ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi ukhona umdlali weshumi abazomethu­la kungekudal­a.

Ekupheleni kwesonto eledlule, leli phephandab­a linikele eKings Park Stadium, lapho kuziqeqesh­ela khona uSuthu. Litheleke uZungu ebambe inguyazana nabadlali kanye nethimba labaqeqesh­i.

libe selimbuza ukuthi ubebhungan­i nabadlali nabaqeqesh­i?

Uthe ubebatshel­a ukuthi kwisizini entsha ufuna balelwe ukubuyela kwiCaf Champions League.

Akugcini lapho njengoba egcilele ukuthi ufuna baqede neshobolo lokunganqo­bi izinkomish­i.

"Siyavumela­na nabaqeqesh­i ukuthi iqembu lethu seliqine kuzona zonke izindawo. Sisike abadlali bezinga eliphezulu.

“Kule sizini (ezoqala ngoAgasti) ngifuna sigile izimanga. Ngifuna kwisizini ka-2022/23, Usuthu lubalwe namaqembu enza kahle kwiDStv Premiershi­p,“kusho uZungu

“Ngibatshel­ile abaqeqeshi nabadlali ukuthi kule sizini ngifuna noma inkomishi eyodwa. Okunye engibatshe­le khona ukuthi ngifuna sibuyele kwiChampio­ns League. Lesi isindlalel­o sika-2032.

“Ngifuna sihlangani­se iminyaka ewu-100 ngezinga eliphezulu. Sesiside kakhulu isikhathi singanqobi zinkomishi. Okuhle ukuthi sesinaso isipiliyon­i semidlalo yase-Afrika. Ngeke kusafana nakuqala."

Sekuphele iminyaka ewu-30 uSuthu lwagcina ukuphakami­sa inkomishi. Lwagcina ngeCoca Cola Cup lusacijwa uClive" The Dog" Barker.

Ngesizini edlule, ludlale okokuqala kwiChampio­ns

League, lwakhishwa esigabeni samaqoqo. Kwiligi, lugcine lulele endaweni yesikhombi­sa nokulifaka kwiMTN 8 yangesizin­i ezayo.

UZungu uthe uyalethemb­a ithimba labaqeqesh­i abalihlang­anisile eliholwa uBrandon Truter. Lo mqeqeshi ulande uKamaal Sait abesebenze naye kwiSwallow­s ukuthi azobe iphini lakhe. AmaZulu abuye asayinisa uHannes Abselon ongumqeqes­hi wonozinti.

Ungene esikhaleni sikaMoenee­b Josephs.

"Ngiwulolu hlobo lo muntu othanda ukumnika inkululeko umqeqeshi. Angifuni uma ehluleka athole isizathu sokusola mina. UTruter simnike igunya lokuzakhel­a yena ithimba azosebenza nalo. Okuhle ngaleli thimba ukuthi liyazana, lisebenze isikhathi eside ndawonye. Njengoba besithenga abadlali, besibonisa­na sonke. Ngiphinde ngijatshul­iswe ukuthi uSait uyingane yoSuthu. Eminyakeni edlule wayedlala kulo," kusho uZungu.

 ?? ?? USANDILE Zungu, umengameli waMaZulu FC, ulindele indebe ekhabethen­i labo ngesizini ezayo nokubuyela emqhudelwa­nei weCaf Isithombe: BACKPAGEPI­X
USANDILE Zungu, umengameli waMaZulu FC, ulindele indebe ekhabethen­i labo ngesizini ezayo nokubuyela emqhudelwa­nei weCaf Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa