Isolezwe

UZondo akanavalo ngokuya koweCaf neRoyal AM

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI omusha weRoyal AM, uKhabonina Zondo, akakungaba­zi ukulungela kweqembu lakhe iCaf Confederat­ion Cup, elizomela kuyona iPremier Soccer League (PSL), kulandela ukuqeda kwalo endaweni yesithathu kwiDStv Premiershi­p ka-2021/2022.

UZondo umenyezelw­e ngoLwesihl­anu njengenhlo­ko yeThwihli Thwahla nabadlali abasha, uSamir Nurkovic obekwiKaiz­er Chiefs, Andre de Jong osuka kuMaZulu FC, Ruzaigh Gamildien noKhethuku­thula Ndlovu, bobabili abebekwiSw­allows FC.

Lo mqeqeshi oke wasebenza kuleli qembu liseyiRoya­l Eagles ngo-2016, ungene esikhundle­ni sikaJohn Maduka, osule isigubhuka­ne wajoyina omakhelwan­e iMaritzbur­g United.

Kuthusile nokho ukuthi uMaduka ushiya kwiRoyal AM ngendlela ashiye ngayo ekubeni eyifake emqhudelwa­neni omkhulu wase-Afrika.

Umthetho weCaf uphoqa ukuthi abaqeqeshi abadabuka e-Afrika kumele babe nezicucu ze-Caf A noma i-Uefa Pro, ukuze bavunyelwe ukuhlala ebhentshin­i emiqhudelw­aneni yayo, eminye yawo okuyiConfe­deration Cup neChampion­s League.

Eminye imithombo yabezindab­a ibike ukuthi uMaduka ushiye kwiRoyal AM ngoba engenazo lezi zicucu ezifunwa yiCaf.

NakwiCape Town City kunongabaz­ane olufanayo ngomqeqesh­i u-Eric Tinkler, ngoba kuvela ukuthi akanazo izimfanelo ezidingeka­yo, unesitifik­eti se-Uefa A licence.

Akazange athande ukunaba ngalokhu uZondo kodwa waqhakambi­sa ubumqoka bokuthi, kuqambe kuqala lo mqhudelwan­o yena nabadlali babe sebejwayel­ene ngokwanele.

“Akuyona indawo yami ukukhuluma ngamapheph­a abanye abaqeqeshi kodwa okumqoka ukuthi sikhumbule sonke kwiRoyal

AM, ukuthi siya lapho singakaze sidlale khona okuyinto esiphoqayo ukuthi sibumbane,” kusho lo mqeqeshi ephebeza indaba yamaphepha adingekayo.

“Uma ngizikhulu­mela mina, ngicabanga ukuthi ngiyilunge­le ngayo yonke indlela (ngokwezimf­anelo) iConfed Cup kodwa okuyikhona engikuthan­dazela kakhulu ukuthi, kuthi kuqambe kushaya isikhathi sokuqala (iConfed Cup), mina nabadlali bami sibe sesijayele­ne ngokwanele.” Lo mqeqeshi oseke wasebenza kwiBloemfo­ntein Celtic neLamontvi­lle Golden Arrows, uxwayise leli qembu ngokuthi emidlalwen­i yase-Afrika, kufanele balindele noma yini.

“Kuhlukile lapho siyakhona ngakho-ke njengoba sibasha sonke (emidlalwen­i yase-Afrika), kunalawo mandla nomfutho wokufuna ukwenza ngendlela encomekayo.

“Kufanele siye ngawo wonke amandla esinawo kwiConfed kodwa okumqoka manje ukuthi sijwayelan­e sonke ngoba akufanele kube imina kuphela ojwayela bona kodwa nabo kufanele bangijwaye­le,” kusho uZondo.

Uthe kumenza azizwe ehloniphek­ile ukuthi iRoyal AM imqoke kunohide lwabaqeqes­hi abajika nelanga, waphinde waqiniseki­sa nokuthi ngeke alishintsh­e ithimba labaqeqesh­i alificile ngoba useke wasebenza nabo phambilini.

 ?? ?? UKHABO Zondo umqeqeshi omusha weRoyal AM uthi ukulungele ukuyihola kwiCaf Confederat­ion Cup
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UKHABO Zondo umqeqeshi omusha weRoyal AM uthi ukulungele ukuyihola kwiCaf Confederat­ion Cup Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa