Isazodingidwa eyemihlomulo yeMotsepe Championship
IZOMUNYUNGWA emhlanganweni olandelayo wesigungu esiphezulu kwiPremier Soccer League (PSL) eyokuthi izokwabiwa kanjani imali efakwe wumndeni wakwaMotsepe esigabeni esiphakela iDStv Premiership, kulandela ukungenelela kwawo emuva kokuhoxa kwabeGladAfrica, abebengabaxhasi bale ligi. NgoLwesihlanu olwedlule, usihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, utshele abezindaba ukuthi ushayele umengameli weCaf, uPatrice Motsepe, ucingo ngoLwesine, emazisa ngokuhoxa kwabeGladAfrica.
NgokukaKhoza, uMotsepe akazange acabange kaningi, wavuma ukuthi kukhona angakwenza, yazaleka kanjalo iMotsepe Foundation Championship osekuzokwaziwa ngayo iNational First Division (NFD) iminyaka emihlanu elandelayo.
Lokhu kungemuva koxhaso lweMotsepe Foundation. Kulesi sithangami, uKhoza utshele abezindaba ukuthi nezikhulu kumabhodi ahlukahlukene, ziyizwe ngesikhathi esifanayo nawo wonke umuntu indaba yokungenelela kukaMotsepe ngakho-ke okuningi kusazocutshungulwa, okuhlanganisa nesamba esizogoduka nompetha kanjalo nezibonelelo.
Ngenyanga edlule, uMotsepe umemezele ukuthi iqembu elizodla umhlanganiso kwi-ABC Motsepe League (nayo exhaswe yiMotsepe Foundation), esizophakela iMotsepe Foundation Championship, lizogoduka nesheke likaR3 million kusukela kule sizini ezoqala ngo-Agasti. Lesi simemezelo se-ABC Motsepe League sidweba isithombe ngokungalindeleka kwiMotsepe
Foundation Championship. IGladAfrica ibikhipha uR3 million obutholwa ngompetha kanti isibonelelo senyanga besilinganiselwa kuR500 000.
“Konke kwenzeke ngesivinini esimangalisayo kusuka ekuthusweni abeGladAfrica, besazisa ukuthi abasakwazi ukuqhubeka nokusixhasa kuya ekuvumeni kalula kukamengameli weCaf.
“Ngenxa yalokhu nezikhulu zePSL ezisezigungwini ezithatha izinqumo zikuzwe kanye kanye ukuthi uMotsepe usefake isandla ngakho-ke kusemqoka ukuthi sihlale phansi siyidingide kahle eyemihlomulo nakho konke okuthinta imali bese sibiza isithangami nani (abezindaba), simemezele ngendlela eqondile,” kusho uKhoza.
Usihlalo weBlack Leopards, uDavid Thidiela, utshele Isolezwe ukuthi uyafisa ukuthi inyuke imali abazoxhaswa ngayo, okungenani bathole uR1 million ngenyanga. Kulesi sithangami, uKhoza uphinde wacacisa nokuthi ufisa ukuthi ngomhlangano owukhukhulela-ngoqo wePSL ongoNovemba, kube sekucacile ngesikhundla sesikhulu esiphezulu sePSL, osekubambe kusona, uMato Madlala weLamontville Golden Arrows, iminyaka engaphezulu kwemihlanu.