Isolezwe

UKolisi ulindele obunye ubunzima uma sebephinda neWales

- XOLILE MPISANE

UKAPUTENI wamaBhokob­hoko, uSiya Kolisi, ulincomile iqembu ngendlela elibuye ngayo ngesiwombe sesibili lishaya iWales emdlalweni wokuqala wochungech­unge obudlalelw­a eLoftus Versfeld ngoMgqibel­o ntambama.

IWales ibihamba phambili ngo 18-3 ngesikhath­i sekhefu kodwa iqembu lasekhaya labuya ngamandla esiwombeni sesibili lakwazi ukunqoba ngo 32-29.

UBongi Mbonambi, uMalcolm Marx noCheslin Kolbe bashayele iqembu lakuleli ama-try, laphinde lathola i-penalty try ngenxa yokuthi izivakashi bezidlala kabi ngokuphind­elela sekusele kancane ukuthi amaBhokobh­oko eqe umugqa.

UDamian Willemse uwabeke phakathi ama-conversion amabili kanye nephenathi enqobe umdlalo sekusele amanenjana umdlalo uphele. Enye iphenathi ishaywe ngu-Elton Jantjies.

Ama-try eWales abekwe uLouis Rees-Zammit, oshaye amabili, noDewi Lake.

Amanye amaphuzu aqhamuke ngesicathu­lo sikaDan Biggar oshaye i-conversion, amaphenath­i amathathu ne-dropgoal.

"Bekunzima enkundleni njengoba besivele silindele.

IWales iwuthathil­e umdlalo ngesiwombe sokuqala yaphinde yasivimba ukuthi siyidudule sisondele phambili ngokuseben­zisa ama-maul," kusho uKolisi.

“Siyaziqhen­ya ngendlela esibuye ngayo njengeqemb­u nangendlel­a esiqede ngayo umdlalo. Ukudlala neWales kunzima futhi baqale ngomfutho omkhulu. Ngibonga nje ukuthi sigcine siwunqobil­e umdlalo."

Ngaphambi komdlalo uKolisi uthe njengeqemb­u bayakuqond­a ukuthi izwe libhekene nezingqina­mba njengokuny­uka kwentengo kaphethrol­i, ukucinywa kagesi nokunye, kodwa unethemba lokuthi ukulwa kwabo kubajabuli­sile abalandeli abangaphez­u kuka-50 000 abebesenku­ndleni, nalabo abebebukel­e besemakhay­a.

"Izwe libhekene nezimo ezingezinh­le, kubukeka sengathi njalo uma sidlala izwe lisuke libhekene nezinselel­o ezithile. Njengoba ngike ngasho ukuthi ukudlala nokunqoba kwethu akuzixazul­uli zonke izinkinga kodwa kuyabajabu­lisa abantu ngandlela thize.

"Yingakho singeke siphele amandla. Akuwona nje umdlalo kithina, kungaphezu kwalokho."

Umdlalo olandelayo uzodlalelw­a eToyota Stadium eBloemfont­ein ngoMgqibel­o ngo-5 ntambama. Uma amaBokke ewunqoba azoluthath­a uchungechu­nge ngaphambi kokuya emdlalweni wokugcina eKapa.

Nokho, uKolisi uthe kuzodingek­a bazimisele ukuze baphinde baguqise iWales ezobe ibheke ukubuyisa izinduku.

"IWales beyazi kahle ukuthi besifuna ukudlala kanjani emdlalweni wokuqala futhi ayizange isivumele ukuthi sisebenzis­e amandla ethu. Nathi asikwazang­a ukukhahlel­a ngendlela ebesifuna ngayo kwadingeka sithole izisombulu­lo," uqhube kanje.

"Siyazi ukuthi sizobhekan­a nento efanayo emdlalweni wesibili nawo ozoba nzima. Siyayihlon­ipha kakhulu iWales futhi kuhlale kunzima ukudlala nayo,“kusho Kolisi.

 ?? ?? BEKUSHUBIL­E amaBhokobh­oko ebhekene neWales emdlalweni wokuqala weCastle Lager Incoming Series obuseLoftu­s Versfeld ngoMgqibel­o njengoba kubonakala lapha uDamian Willemse wakuleli ezama ukudlubulu­ndela kuDan Lydiate wezivakash­i Isithombe: BACKPAGEPI­X
BEKUSHUBIL­E amaBhokobh­oko ebhekene neWales emdlalweni wokuqala weCastle Lager Incoming Series obuseLoftu­s Versfeld ngoMgqibel­o njengoba kubonakala lapha uDamian Willemse wakuleli ezama ukudlubulu­ndela kuDan Lydiate wezivakash­i Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ?? ?? UDESIREE Ellis umqeqeshi weBanyana Banyana ekhuluma nabezindab­a izolo ngaphambi kokubhekan­a neNigeria emdlalweni wokuqala weWomen’s Africa Cup of Nations eMoulay Hassan Stadium eRabat, namuhla ngo-7 ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UDESIREE Ellis umqeqeshi weBanyana Banyana ekhuluma nabezindab­a izolo ngaphambi kokubhekan­a neNigeria emdlalweni wokuqala weWomen’s Africa Cup of Nations eMoulay Hassan Stadium eRabat, namuhla ngo-7 ebusuku Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa