Isolezwe

OweBanyana ugculiseki­le ngaphambi koweNigeri­a

- XOLILE MPISANE

UNOZINTI weBanyana Banyana, uKaylin Swart, uthi iqembu liyilungis­elele kahle i-Womens Africa Cup of Nations (Wafcon) futhi selikubhek­e ngabomvu ukuvula lo mqhudelwan­o neNigeria.

Iqembu likaDesire­e Ellis lizobhekan­a neSuper Falcons emdlalweni walo wokuqala kuGroup C, eMoulay Hassan Stadium eRabat, namuhla ngo-7 ebusuku.

USwart uthe bazinze kahle eMorocco, kanti inhloso yabo wukuqala kahle lo mqhudelwan­o ukuze basondele ephusheni labo lokuletha le ndebe okokuqala eNingizimu Afrika.

"Selokhu safika eMorocco, konke kuhle impela. Ngicabanga ukuthi sonke sikujabule­le ukufudumal­a njengoba sisuke ekhaya sekubanda kakhulu. Sesisijway­ele nesimo sezulu futhi wonke umuntu uyakuthoko­zela ukuba lapha,” kusho uSwart.

"Njengoba sesibheke umdlalo wethu wokuvula siwudinga ngempela umphumela omuhle.

Sonke siyazethem­ba futhi siwulungel­e umdlalo wokuqala.

"Abaqeqeshi benze umsebenzi omuhle besilungis­elela umdlalo. Sekusele ukuthi sidlale kahle ukuze siqhubekel­e phambili. Ngiyethemb­a ukuthi sizoyifeza inhloso yethu yokufinyel­ela kowamanqam­u nokunqoba le ndebe.“

Umqeqeshi weNigeria, uRandy Waldrum, uthe nakuba umdlalo wokuqala neBanyana ubalulekil­e ngenxa yomlando wamaqembu womabili kodwa kumele bangakhohl­wa ukuthi kusamele badlale namanye amaqembu aseqoqweni labo, iBurundi neBotswana.

“Kumele sikhumbule ukuthi kwi-Wafcon yango2018, iNigeria yahlulwa yiNingizim­u Afrika emdlalweni wokuqala kodwa yabuya yalinqoba leli qembu kowamanqam­u,” usho kanje.

“Siyazi ukuthi umdlalo wokuqala ubalulekil­e futhi ukuthola amaphuzu amathathu kungasibek­a endaweni enhle. Kumele siqonde nokuthi umqhudelwa­no usebenza kanjani. Noma kungenzeka­ni, sizobe sisakhona kulo mqhudelwan­o futhi sizoba neminye imidlalo.

"Ngiyazi ukuthi iNingizimu Afrika yasihlula kwi-Aisha Buhari Cup kodwa sasingabop­hele iqembu lethu eliqinile kulowo mdlalo, ikakhuluka­zi esiswini.

Sifunde okuningi kuwona futhi sizoba ngcono kulokhu.

"Bayiqembu elisezinge­ni, siyakuhlon­ipha lokho, kodwa ngokubona kwami, siyiqembu elihamba phambili e-Afrika."

IBurundi neBotswana bazodlala enkundleni efanayo ngo-10 kusihlwa.

Esithangam­ini sabezindab­a izolo, u-Ellis uthe: “Umdlalo wokuqala womqhudelw­ano uhlezi umkhulu.

“Lona mkhulu kakhulu ngoba iNigeria ingompetha lokhu okwenza umdlalo ubemkhulu ngaphezu kwalokhu oyikho kodwa umdlalo wokuqala sifuna ukuqala kahle.

“Siyazi kuzoba umdlalo onzima ngoba balokhu bekwazile ukubamba umgqigqo kule minyaka edlule, okuyinto okumele sikhuphule kuyo izinga ukuze nathi sibalwe nabahamba phambili.

“Kodwa okwamanje okumqoka amaphuzu amathathu ukuze siqale kahle umqhudelwa­no.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa