Isolezwe

UTete uzibeke ethubeni lamabhande omhlaba enqoba

- ZAKHELE XABA

UMSHAYISIB­HAKELA waseNingiz­imu Afrika, uZolani "Lastborn" Tete, ubuyise isithunzi sakhe esibhakele­ni somhlaba eqeda ngoJason Cunningham, ngemizulis­wane emine.

Impi kade ise-Ovo Arena, eWembley, eLondon, e-United

Kingdom, ngoMgqibel­o ebusuku. Ngokuguqis­a uCunningha­m, uTete uwine amabhande amathathu okungele-IBF Internatio­nal, ele-WBO Interconti­nental nele- Commonweal­th (British Empire) Super Bantamweig­ht. Egcina ukulwa e-UK uTete ulahlekelw­e yibhande le-WBO Bantamweig­ht ethelwa othulini nguJohnrie­l Casimero wasePhilip­pines, ngo-2019.

Ngokuwina kuCunningh­am, uTete uzibeke ethubeni lokulwela amabhande omhlaba. Ngaphambi kwempi noCunningh­am, uphromotha wakhe waphesheya kwezilwand­le, uFrank Warren, uthembise ukuthi umshayisib­hakela ozowina uzobhekana noMurudjon Akhmadalie­v waseUzbeki­stan, ophethe ibhande le-WBA 'Super' nele-IBF Junior Featherwei­ght.

UTete uthe ujabule kakhulu ngokuwina e-UK.

"Ukuwina e-UK kujabulisa kakhulu. Ngesikhath­i esidlule ngilwela lapha, ngehluliwe. Bengifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi abantu abazitshel­i ukuthi sekuphelil­e ngami esibhakele­ni. Ngazalelwa isibhakela," kusho uTete.

Ngaphandle kokuwina amabhande, kade kubaluleki­le kuTete ukwehlula uCunningha­m ngendlela egculisayo ukuze aqinise idolo uWarren osathembel­a kuyena phezu kokuba iningi kade selizitshe­la ukuthi sekuphelil­e ngaye.

Eringini ucacise zibekwa ukuthi akazimisel­e ngokulwa yonke imizuliswa­no. Ngaphambi kwesibhake­la sokunxele uTete asibeke emhlathini kaCunningh­am saqeda impi, ubekade esishaye sagcwala ngawo umzuliswan­o wesine kodwa wavuka emuva kokubalelw­a ngunompemp­e.

"Ngize kule mpi ngigcwele ukuzethemb­a ngoba bengifuna ukuwina noma yikanjani. Emuva kokushonel­wa ngumama nokuhlala iminyaka emibili ngingalwi, izinto bezinzima kakhulu kimina ekhaya.

“Yikho ngilwe ngentukuth­elo engaka. Akukhona ukuthi angimthand­i uJason noma kukhona okunye. Kungenzeka ukuthi ngikhulume kabi kuyena kodwa isibhakela sinjalo," kusho uTete.

 ?? ?? UZOLANI Tete umshayisib­hakela wakuleli ngemuva kokwehlula uJason Cunningham e-Ovo Arena, eWembley, eLondon e-United Kingdom ngoMgqibel­o Isithombe: FACEBOOK
UZOLANI Tete umshayisib­hakela wakuleli ngemuva kokwehlula uJason Cunningham e-Ovo Arena, eWembley, eLondon e-United Kingdom ngoMgqibel­o Isithombe: FACEBOOK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa