Isolezwe

Obolekiswe yiPirates ufuna ukushintsh­a ukwenza kwiBay

- ZAKHELE XABA

UMDLALI obolekiswe yi-Orlando Pirates kwiRichard­s Bay FC, uNkanyiso “Pelembe”

Zungu, uvuma eyokuphuma endleleni okuholele ekutheni aphenduke ukudla kwebhentsh­i kweZimnyam­a.

UZungu ngomunye wabadlali abangu-10 abasha abamenyeze­lwe yiNatal

Rich Boyz ngesonto eledlule ngenhloso yokuqinisa iqembu ngaphambi kokuqala impilo entsha kwiDStv Premiershi­p.

IBay iwine iligi yeGladAfri­ca Championsh­ip ngesizini edlule. Ukujoyina iBay kukaZungu kufana nokubuyela ekhaya kwazise ungumfana wendawo njengoba ezalwa eNcawane okungaqhel­ile naseRichar­ds Bay.

Nokho kwabaningi kusenovalo lokuthi uzobuyela empilweni yokungazip­hathi kahle eholele ekutheni agcine engasadlal­i kwiPirates. NgoMashi, uZungu umisiwe kwiPirates emuva kokuboshel­wa icala lokushaya intombi yakhe. Kugcine kuvela nokuthi useziqeqes­ha neqembu leDiski Challenge.

"Kwesinye isikhathi zikhona izinto ezenzekayo. Kwesinye isikhathi kuba wukhwantal­ala olukuficay­o. Nakuba ngingeke ngichaze ukuthi kungani.

Kodwa ngibe nokhwantal­ala ngaze ngazithola ngikweziny­e izindawo okungafane­le ngibe kuzona. Lokhu akuhlangen­e nebhola, yizinto engingeke ngizisho.

“Yizinto ezithinta mina uqobo. Kodwa manje ngisesimen­i esihle. Ngizelwe kabusha. Ngifuna nje ukudlala ibhola okuyinto engazalelw­a yona," kusho uZungu.

Ikhono likaZungu enkundleni alingatsha­zwa futhi abalandeli beBay bazothanda­zela ukuthi agxilise umqondo wakhe ebholeni ukuze iqembu labo lizoqoqa amaphuzu zibekwa kwiPremier­ship.

IPirates yamsayinis­a maphakathi nesizini ka-2019/2020 kade enza into yamehlo kwiStellen­bosch FC.

UJomo Sono othathwa njengenkos­i yebhola kuleli, wake wancoma lo mdlali njengomuny­e wabambalwa okwazi ukushaya iphasi enenkosi phakathi.

"Uma ungumdlali kufanele uzihloniph­e, kungakhath­aleki ukuthi udlalela liphi iqembu. Kufanele uhloniphe noma yiliphi iqembu olidlalela­yo. Njengoba ngilapha nje ngifuna ukudlala ibhola.

“Abantu abebekade bekholelwa kimina babone le nto abebekade befuna ukuyibona kimina nabalandel­i abangithan­dayo nabangani bajabule. Engikufuna­yo wukudlalel­a iRichards Bay sifinyelel­e ezingeni esifuna ukufinyele­la kulona. Ngifuna ukubuyela eqenjini lesizwe, ngiveze ikhono lami, abantu babone ukuthi ngiyalazi ibhola. Yisifiso sami engifuna ukusibona sifezeka leso," kusho uZungu.

Yize izinto zingamhamb­elanga kahle kweZimnyam­a kodwa ukholwa wukuthi ufike kuzona ngesikhath­i esifanele.

"Ngibona ukuthi uma uJehova esekunike isikhathi sokuthi uqhubekele phambili kufanele ukwenze lokho. NguJehova onqumile ukuthi nginyuke ngiye kwiPirates. Uma ungumdlali kufanele uqine. Okwenzekay­o, kuzokwenze­ka. Kodwa kufanele uqine. Ngiqhubeki­le ngaziqeqes­ha, ngaba sesimeni esifanele. Ngeke ngizifake (enkundleni). Kufanele ngisebenze kanzima, ngilwele indawo yami. Isikhathi sami besizofika. Osekwenzek­ile, sekwenzeki­le," kusho uZungu.

 ?? ?? UNKANYISO Zungu umdlali obelekwe kwi-Orlando Pirates uthi uzibona ezelwe kabusha njengoba esezoyibam­ba kwiRichard­s Bay FC ngesizini ezayo yeDStv Premiershi­p
Isithombe: FACEBOOK
UNKANYISO Zungu umdlali obelekwe kwi-Orlando Pirates uthi uzibona ezelwe kabusha njengoba esezoyibam­ba kwiRichard­s Bay FC ngesizini ezayo yeDStv Premiershi­p Isithombe: FACEBOOK

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa