Isolezwe

Ingwadla yokushoda kothisha kushiya 20 000 ngonyaka

- MHLENGI SHANGASE

IZOQONGA inkinga yokushoda kothisha kuleli njengoba minyaka yonke kushiya ababalelwa ku-20 000, ekubeni uhhafu wothisha uzothatha umhlalapha­nsi eminyakeni embalwa ezayo.

Lokhu kuvezwe yiPhini likaMqondi­si jikelele eMnyangwen­i weMfundo eyisiSekel­o, uMnuz Paddy Padayachee emhlanganw­eni wekomiti lasePhalam­ende.

Uthe ku-20 000 wothisha abashiya minyaka yonke, u-10 000 wabo usuke uthatha umhlalapha­nsi, enye ingxenye ebalelwa ku-8000 iyasula, kuthi ababalelwa ku-2000 bayashona.

Ukhale ngokuthi noma

izikhungo zibakhiqiz­a othisha kodwa abanye babo kabagcini ngokungena emkhakheni, bakhetha eminye imisebenzi.

“Kasinayo inkinga yokushoda kothisha okwamanje kodwa kubukeka sizoba nayo ngoba eminyakeni ezayo, uhhafu wothisha esinabo uzothatha umhlalapha­nsi.”

Uthe kabanabo othisha abaningi abadala ngokweminy­aka yokuzalwa ngoba isiyehla iminyaka yabantu abangothis­ha, sebebancan­e ngokweminy­aka.

“Uma ubheka iminyaka yabo yobudala nje ejwayeleki­le yabantu abangothis­ha manje ila ko-46. Lokhu kusho ukuthi

siba nothisha abancane ngokweminy­aka.”

Umbiko othulelwe ikomiti uveze ukuthi kusaqashwe kuphela cishe uhhafu wothisha abafundisw­e ngumfundaz­e womnyango, iFunza Lushaka.

Kuvele ukuthi kothisha abangu-4 232 abafunde ngomfundaz­e, kusaqashwe abangu-2 080 kuphela, abangu-2 152 babhuquza emakhaya.

IKwaZulu-Natal yiyona enesibalo esiphezulu sabangaqas­hiwe ngabangu-552, kulandele i-Eastern Cape ngabangu-549 neGauteng ngabangu-376.

Amalungu akhale ngokuthi sincane isibalo sabasaqash­iwe ekubeni kumele ngabe bayasebenz­a ngoba bafundiswa nguhulumen­i mahhala.

Umqondisi jikelele womnyango uMnuz Mathanzima Mweli, uthe kwanqunywa emkhandlwi­ni wongqongqo­she bezemfundo ukuthi ngeke kusagxilwa kothisha abafundisw­e ngumnyango uma kuqashwa.

Uthe bebengeke babayeke abazifundi­sile kanjalo

nabafundis­we yisikhwama esixhasa abafundi, iNational Students’ Financial Aid Scheme.

“Kwavunyelw­ana ukuthi kumele kubhekwe uwonkewonk­e uma kuqashwa, kungagxilw­a kwabafundi­swa nguMnyango wezeMfundo. Asikwazi ukuqasha uthisha ngoba sithi simfundisi­le kodwa engenazo iziqu ezifanele zokufundis­a lelo banga,” kusho uMweli.

E-KZN bakhala mihla othisha ngokuthi kabaqashiw­e, babhuquza emakhaya.

UMweli uthe akumele kugxilwe kuphela kothisha beFunza, uma kukhona isifundazw­e esihambisa ngetiye kumele sibikwe kubona.

UPadayache­e uthe abanye othisha abafundisw­e yiFunza, abakhetha ukungafund­isi baye kweminye imikhakha, bayayikhok­ha imali abafundisw­e ngayo.

Uthe bashaywa yisabeloma­li, esenza ukuthi bangakwazi ukuvala ezinye izikhala, okubalwa nezabahlol­i.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa