Ingwadla yokushoda kothisha kushiya 20 000 ngonyaka
IZOQONGA inkinga yokushoda kothisha kuleli njengoba minyaka yonke kushiya ababalelwa ku-20 000, ekubeni uhhafu wothisha uzothatha umhlalaphansi eminyakeni embalwa ezayo.
Lokhu kuvezwe yiPhini likaMqondisi jikelele eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Paddy Padayachee emhlanganweni wekomiti lasePhalamende.
Uthe ku-20 000 wothisha abashiya minyaka yonke, u-10 000 wabo usuke uthatha umhlalaphansi, enye ingxenye ebalelwa ku-8000 iyasula, kuthi ababalelwa ku-2000 bayashona.
Ukhale ngokuthi noma
izikhungo zibakhiqiza othisha kodwa abanye babo kabagcini ngokungena emkhakheni, bakhetha eminye imisebenzi.
“Kasinayo inkinga yokushoda kothisha okwamanje kodwa kubukeka sizoba nayo ngoba eminyakeni ezayo, uhhafu wothisha esinabo uzothatha umhlalaphansi.”
Uthe kabanabo othisha abaningi abadala ngokweminyaka yokuzalwa ngoba isiyehla iminyaka yabantu abangothisha, sebebancane ngokweminyaka.
“Uma ubheka iminyaka yabo yobudala nje ejwayelekile yabantu abangothisha manje ila ko-46. Lokhu kusho ukuthi
siba nothisha abancane ngokweminyaka.”
Umbiko othulelwe ikomiti uveze ukuthi kusaqashwe kuphela cishe uhhafu wothisha abafundiswe ngumfundaze womnyango, iFunza Lushaka.
Kuvele ukuthi kothisha abangu-4 232 abafunde ngomfundaze, kusaqashwe abangu-2 080 kuphela, abangu-2 152 babhuquza emakhaya.
IKwaZulu-Natal yiyona enesibalo esiphezulu sabangaqashiwe ngabangu-552, kulandele i-Eastern Cape ngabangu-549 neGauteng ngabangu-376.
Amalungu akhale ngokuthi sincane isibalo sabasaqashiwe ekubeni kumele ngabe bayasebenza ngoba bafundiswa nguhulumeni mahhala.
Umqondisi jikelele womnyango uMnuz Mathanzima Mweli, uthe kwanqunywa emkhandlwini wongqongqoshe bezemfundo ukuthi ngeke kusagxilwa kothisha abafundiswe ngumnyango uma kuqashwa.
Uthe bebengeke babayeke abazifundisile kanjalo
nabafundiswe yisikhwama esixhasa abafundi, iNational Students’ Financial Aid Scheme.
“Kwavunyelwana ukuthi kumele kubhekwe uwonkewonke uma kuqashwa, kungagxilwa kwabafundiswa nguMnyango wezeMfundo. Asikwazi ukuqasha uthisha ngoba sithi simfundisile kodwa engenazo iziqu ezifanele zokufundisa lelo banga,” kusho uMweli.
E-KZN bakhala mihla othisha ngokuthi kabaqashiwe, babhuquza emakhaya.
UMweli uthe akumele kugxilwe kuphela kothisha beFunza, uma kukhona isifundazwe esihambisa ngetiye kumele sibikwe kubona.
UPadayachee uthe abanye othisha abafundiswe yiFunza, abakhetha ukungafundisi baye kweminye imikhakha, bayayikhokha imali abafundiswe ngayo.
Uthe bashaywa yisabelomali, esenza ukuthi bangakwazi ukuvala ezinye izikhala, okubalwa nezabahloli.