Isolezwe

I-CCMA ichithe abakhala ngokubizwa ‘ngezinkawu’

- BONISWA MOHALE

LICHITHIWE icala labasebenz­i baseMpange­ni, abebefake umqashi kwiCommiss­ion for Conciliati­on Mediation & Arbitratio­n (CCMA), bemsola ngokubabiz­a ngezinkawu.

NgoMeyi laba basebenzi bathinta Isolezwe bekhala ngokuthi induna yabo enkampanin­i iTau Pele Constructi­on (Pty) LTD, ibabize ngezinkawu.

Yize laba basebenzi baveza ukuthi babizwa ngezinkawu beyiqoqo labasebenz­i abangu-10 kodwa bathathu kuphela abahambise lolu daba kwiCCMA.

Abagcine befake icala kwiCCMA ngoMnuz Moses Banda, Sidney Mlambo noMbongise­ni Mthiyane, abathe kabazi ukuthi kungani abanye bengaludlu­liselanga phambili udaba.

Baveze ukuthi ngaphambi kwesigamek­o sangoMeyi, babengakaz­e babe nenkinga nomqashi wabo obizwa ngoNicko.

Sekuthulwa ubufakazi abamangali bebemile ekutheni uNicko wababiza ngezinkawu kodwa abanye ababekhona ngosuku lwesigamek­o, bakuphika lokho.

UMnuz Lejoli Limo oqashwe njengomsha­yeli weloli, uthe akazange ezwe uNicko ecwasa abantu kodwa wamuzwa ecela abasebenzi ukuba bamsize ngokuwasha iloli nokuyinto ayisho ngesiBhunu.

Uveze ukuthi abanye abasebenzi basukuma bayokwenza okwakushiw­o kodwa uBanda nabanye abazange banyakaze.

Uthe ngakusasa babe sebezwa amahlebezi okuthi uBanda utshele abasebenzi ukuthi uNicko ubabize ngezinkawu.

Akuyena uLimo kuphela othe uNicko akazange awasho amazwi acwasayo njengoba nabanye ofakazi oMnuz John Lekala, China Talane no-Abednigo Nzaka, bethe bamuzwa ecela usizo.

UNicko uthe kumphatha kabi ukuthi abamangali benze izinsolo ezinzima kangaka ngaye ngoba lokhu kulimaze isithunzi sakhe nesenkampa­ni.

UKhomishan­a waseCCMA, uMnuz Vusi Makhanya, ulichithil­e icala labamangal­i, wathi abukho ubufakazi obuphathek­ayo obufakazel­a ukuthi uNicko wabacwasa.

Uthe kuyamangaz­a ukuthi abantu abangakaze babe nokungabon­i ngaso linye noNicko, bathathe izinyathel­o ezinqala kanjena kunokuthi bazame okunye.

UNkk Ezel van Niekerk ongumphath­i wehhovisi lakwandaba­zabantu eTau Pele Constructi­on, uthe ukuphuma kwalolu daba ngoMeyi, kwakhela inkampani yabo igama elibi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa