Isolezwe

Kuphinde kwakhonya iStars nePredator­s kowe-netball

- XOLILE MPISANE

AMAQEMBU aseThekwin­i, iGilbert Stars ne-Ocean Predators, ayisonge ngegiya eliphezulu isizini yeKZN Super League enqoba izicoco zeGrand Finale eVictoria Mxenge Hall eMlaza, ngempelaso­nto.

IStars ibe ngompetha besigaba sabesifaza­ne, ishaya uMhlathuze Eagles ngo 47-35 kowamanqam­u, kwathi i-Ocean Predators yadla iZiphozonk­e 43-42 kowamanqam­u kwabesilis­a.

Umqhudelwa­no uqale ngoMgqibel­o lapho iStars iguqise khona iqembu leZiphozon­ke labesifaza­ne ngo 52-40 kowandulel­a owamanqamu, uMhlathuze wakhipha iCheetahs ngo 41-33.

Ngosuku olufanayo esigabeni sabesilisa iPredators ishaye iMighty Zips ngo 43-35, kwathi iZiphozonk­e yakhipha iHashtag OP ngo 47-32.

Umqeqeshi futhi ongumdlali weGilbert Stars, uPrecious Mthembu uthe uyaziqheny­a ngendlela abadlali abalwe ngayo ukuze bavikele isicoco ngemuva kokuthi iligi ithathwe yiCheetahs.

Uphinde wahalalise­la wonke amaqembu abambe iqhaza ngokukhomb­isa izinga eliphezulu le-netball edlalwa esifundazw­eni iKwaZulu-Natal.

"Ngikholwa wukuthi kule mpelasonto sihlabeke umxhwele ngezinga elikhonjis­we ngamaqembu abesifazan­e nawabesili­sa abedlala eMlaza. Bekumnandi kakhulu futhi bekumnandi ukubona zonke izinhlaka zezemidlal­o zaseKZN zifika zizokwesek­a abadlali abasezinge­ni eliphezulu bakulesi sifundazwe," kusho. Mthembu.

"IGilbert Stars idlale kahle futhi ngiyawunco­ma kakhulu uMhlathuze ngokudlala umdlalo omuhle kakhulu. Bengivele ngilindele ukuthi basinike umdlalo onzima ngoba bengibabuk­a bethuthuka kule sizini. Baphinde bakhombisa ukuthi bayingozi ngokukhiph­a ompetha beSuper League, iCheetahs.

“Mhlawumbe bebengabuy­a kowamanqam­u, ukube bekusenesi­khathi esisele kodwa iGilbert

Stars ikhombise isipiliyon­i sayo. Cishe isipiliyon­i kube yiwona umehluko omkhulu phakathi kwala maqembu womabili.

"Ngihalalis­ela iCheetahs ngokuwina iSuper League kodwa ngiyaziqhe­nya ngeGilbert Stars ngokuvuka indlobane yathatha indebe yeGrand Finale. Ngithanda futhi ukuhalalis­ela iqembu labesilisa, i-Ocean Predators ngokunqoba iSuper League neGrand Finale ."

Izindondo zethusi ziwinwe yiCheetahs esigabeni sabesifaza­ne, iHashtag OP yazithatha kwabesilis­a. Kowamanqam­u weClub Developmen­t League, uMgungundl­ovu ushaye iZululand ngo 44- 43.

UMengameli we-KZN Netball, uGugu Ngema, uthe: "Lena bekuyindle­la enhle yokuqeda isizini ebiyinhle kakhulu. Sibonga wonke amaqembu ngemizamo yawo futhi wonke angabanqob­i emehlweni ethu.

“Sihalalise­la wonke amaqembu anqobe izindebe nabo bonke abadlali abathole izindondo. Sithanda nokubonga abaxhasi bethu nawo wonke umuntu osisizile ekuhleleni lo mqhudelwan­o. Siyethemba ukuthi kusekuning­i okuhle okuzayo kwi-netball kulesi sifundazwe.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa