Isolezwe

Uzosiza abanezinki­nga emshadweni uLKG

- NOKUBONGWA PHENYANE

ABASHADILE abanezinki­nga, bazozethul­a zonke kumethuli wezinhlelo ophinde abe wumsakazi uLerato Kganyago, odume ngelikaLKG ngenhloso yokuthi ahlenge imishado yabo.

Kusukeka ngo-Okthoba 16, kwiMzansi Magic ngo-7 ebusuku, uLerato uzobonakal­a ethula uhlelo oluthi Forever Maybe.

Kulona uzobe ehambisana nodokotela wengqondo uLindelani Magubane ozobe esiza abashadile.

Kulolu hlelo kuzobonaka­la abashadile abane abafuna usizo ngezinto ezihlukene ezithinta umshado wabo.

Abashadile bazobe sebesengcu­pheni yokuthi imishado yabo iphele, ukuzama ukuyihleng­a, bazohlala endlini abangayazi bazame ukulungisa izinkinga zabo, bathole nezindlela ezintsha zokwenza ukuthi imishado yabo isebenze.

“Uma besendlini kulapho bezothatha khona isinqumo sokuthi bayaqhubek­a nomshado wabo noma sekuwukuph­ela kwawo.

“Njengoba behlezi bazobe bexhumana nemindeni yabo ukuze bathole ukubonisek­a abakudinga­yo ngesinqumo okumele basithathe.

“Konke-ke kuyobe sekusele ezandleni zabo, mayelana nenqubekel­a phambili,” kusho uShirley wakaM-Net.

Uthe izinhlelo abazikhomb­isa kwiMzansi Magic zikwezitha­ndwa kakhulu kuleli.

“Izinhlelo ezibathint­a ngqo futhi ezihambisa­na nabo ngoba zisuke zikhuluma ngento eyenzeka njalo emiphakath­ini abahlala kuyona. Ngakho ukufaka lolu hlelo ngosuku okuyiSonto, siyazi ukuthi siqhuba injabulo ehambisana nesifundo kubabukeli bethu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa