Isolezwe

Usewumqema­ne uZola opheka umculo omusha

- FANELESIBO­NGE BENGU

INGWAZI yomculo uBonginkos­i Zola Dlamini imatasa ihlanganis­a umculo omusha ezowukhiph­a maduze kulandela ikhefu elide emculweni nokubanjwa ukugula.

Lokhu kuvezwe yimenenja yakhe uSiki Kunene othe lo mculi uwumqemane futhi useqalile nokunandis­a emicimbini.

UZola, oke waphumela obala ngokugula okumenza adlikize angabe esakwazi nokushayel­a, ube sematheni ngasekuqal­eni konyaka ngemuva kokuvela kokuthi isimo sakhe asisihle.

“Kunomculo omusha osaphekwa ongakaphum­i okwamanje kodwa abantu mabalindel­e,” kusho uSiki.

UZola, wodumo lwezingoma okubalwa kuzo nethi Dont Cry , kulindelek­e ukuthi abonakale emcimbini ozoba seMashampl­anez Lounge, eChestervi­lle, eThekwini, ngo-Okthoba 2.

“Uphila kakhulu uZola futhi ukubheke ngabomvu ukubuyela eThekwini ukuyonandi­sa khona. Kade

agcina futhi

ufuna ukujabulis­a abalandeli bakhe. Kuzoba kungokokuq­ala enandisa eKZN ngemuva kwesikhath­i eside kodwa uke wanandisa eNorth West naseMpumal­anga,” kusho uSiki.

Uthe uZola ubonga kakhulu ukwesekwa ngabantu baseNingiz­imu Afrika ngesikhath­i sobunzima.

“Ubonga ukwesekwa emoyeni nangokwema­li. Abantu bakuleli bakhombisi­le ukuthi uma behlangana entweni umphumela uba muhle. Siyabonga eNingizimu Afrika,” kusho yena.

Umcimbi azonandisa kuwo ngowokwazi­sa abantu ngomkhulu ozayo iWaw’kuphi okulindele­ke ukuthi ibe sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, ngoDisemba 3.

Umhleli womcimbi uThokozani Tzozo Zulu uthe kusengamaz­wibela nje okuthi abantu yini abangayili­ndela ngoDisemba 3.

“Abantu kade bagcina ukubona abaculi bakudala bekwaito ngakho sizobaleth­ela bona.

Kukhulu okuzayo.” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa