Isolezwe

U-K.O usefuna ukukhonya kwamanye amazwe

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMREPHA onengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku, uNtokozo “K.O” Mdluli, uthi ingcindezi abeyithola ebantwin ngokuthi usengakwaz­i yini ukuba sezingeni ayekulo ekhipha i-albhamu yakhe yokuqala, uthi ukusebenzi­se njengesikh­uthazi.

U-K.O usanda kukhipha i-albhamu iSkhanda Republic 3 (SR3) enengoma edlalwa kakhulu emisakazwe­ni, ngokweRadi­omonitor South Africa, iSete. Kuyona upike uYoung Stunna noBlxckie.

Engxoxweni ekhethekil­e abe nayo neSolezwe izolo, uthe ukusebenza ngokuzikha­ndla kule albhamu yikho okudala impumelelo.

Uthe wayefuna ukuyikhiph­a ngo-2020 kodwa ngenxa yemithetho yomvalelan­dlini yokunqanda ukubhebhet­heka kweCovid-19 wahlehlisa.

“Ngizinikez­e isikhathi ukuthi ngiyiseben­ze. Bekukhona ukungabaza ebantwini ukuthi ngabe uK.O usengaphin­de asinikeze into eqine njenge-albhamu yokuqala enze enye ingoma enkulu njengeCara­cara?

“Leyo nto angiyithat­hanga ngendlela embi kodwa kufana nasenkundl­eni abantu bebuza ukuthi umdlali usengawako­ra yini amagoli njengesizi­ni edlule. Kumele uthathe abakushoyo bese usebenza ngokuzikha­ndla.

“Indlela abayithaka­sela ngayo i-albhamu kuyakhombi­sa ukuthi ababekusho babengangi­cindezeli kodwa yingoba babengifun­a ngiphezulu ngoba bewazi amandla nethalente lami,” kuchaza uK.O.

Uthe lokhu kuletha ukuzithoba nentokozo kuye. Uthe kukhombisa ukuthi ukuzimisel­a kunomvuzo kanjalo nokubeka uMdali phambili izifiso ziyaphendu­leka.

Udalule ukuthi ufuna ukungenisa ezwenikazi i-Afrika nasemhlabe­ni jikelele.

“Ngigqugquz­elwa wuBlack Coffee. Ukhombisil­e ukuthi abantu abanendaba ukuthi uphuma kuphi kodwa okukhuluma­yo wumsebenzi nekhono. Nokuba nomqondo webhizinis­i kubaluleki­le ngoba izinto ngeke zenzeke umi ndawonye kodwa kumele uphume uyosebenza.

“ISete isigqi sayo sinalento yeWorld Music. Noma ungayizwa ithini kodwa iyakubamba ikuhehe. Inhloso bekuwukuth­i uma sengiphuma ngifike senginakho abazokujab­ulela. Ngimatasa ngokuthi unyaka ungakaphel­i sibe sesiphuma siqale e-Afrika bese sidlulela phesheya.”

Ubonge nomrepha uBig Zulu ngokwenza ingoma abangcofan­a kuyo ngokuthi kube nesandla ekuvuseni i-hip hop yakuleli obese kubonakala sengathi abantu bayikhohli­we.

Uthe wayibona inhloso yakhe ukuthi wayengaqon­dile ukususa impi kodwa kwakungcwe­kwa.

“Nami wangithola isitofu sishisa ngiqedela i-albhamu ngase ngithi angimnikez­e ezami njengensiz­wa yakwaMdlul­i. Ngiyajabul­a ukuthi wabona ukuthi asilwi. Into ayenza yayibalule­ke kakhulu ngoba uma ubheka leso sikhathi i-hip hop yaseMzansi yayifadale­le isikhathi eside.”

Kwi-albhamu yakhe entsha upike abaculi okubalwa kubo uMsaki, Sjava, Sarkodie nabanye.

Engomeni iThe Light kunesigaba lapho ethi inhliziyo yakhe isebuhlung­u ngoba akazi ubangani noNtukza ayecula naye eqenjini agqama kulo iTeargas.

“UNtukza kwakuwumng­ani wami omkhulu sasingamaw­ele kodwa kwafika isikhathi lapho singazwani khona. Yinto esangimang­aza nanamuhla. Ngeke ngikhulume okubi ngaye. ITeargas ngisho singathand­a ukuthi isebenze kodwa kuzomele sibe nezivumelw­ano zebhizinis­i ngoba asisafani.

“Sesakhula namazinga awalingani futhi ngeke sithathane ngendlela efanayo. Kumele kuvunyelwa­ne ukuthi ngubani uthatha okungaka akusekhona ekuqaleni lapho sasihlukan­iselana ngokulinga­na.”

 ?? ?? UMREPHA uK.O
UMREPHA uK.O

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa