Isolezwe

Kufe abathathu kuhlaselwa othutha abafundi

- NOKULUNGA MKIZE

USATHUKILE umndeni wowesilisa othutha izingane emuva kokuhlasel­wa kwemoto abehamba ngayo wadutshulw­a kwashona yena, umngani wakhe nomfundi kwaN eMlaza ngoLwesith­athu.

Kuvela ukuthi uSiyabonga Nene (36) wakwaK eMlaza, osebenza njengomalu­me othutha izingane zesikole, ubehamba nomngani wakhe bebuya ukuyolanda izingane esikoleni ngoLwesith­athu ntambama ngenkathi kuqhamuka abasolwa abangaziwa bavulela ngenhlamvu bebhekise emotweni yabo.

Kulesi sigameko kushone uNene, umngani wakhe nomunye umfundi obegibela imoto yakhe. Kuthiwa uNene ubehamba ngeVW Polo okuyimoto abeyiseben­zisa njengoba sesisincan­e isibalo sezingane eziya esikoleni ngoba ezinye seziqedile ukubhala izivivinyo zekota yesithathu.

Umfowabo kaNene, uMnuz Siyanda Ngcongo, uthe akuzwile ngesigamek­o wukuthi emotweni bekukhona nomfundi wentombaza­ne (9) okusolakal­a ukuthi ubesehlile emotweni ngenkathi edutshulwa ngoba isidumbu sakhe sitholwe sidindiliz­e ngaphandle kwemoto ngesikhath­i befika, kwathi esikaNene nesikamnga­ni wakhe zatholakal­a ngaphakath­i.

Uthe yize engenalo ulwazi lokuthi laba badutshulw­e amahlandla amangaki kodwa

imoto abebehamba ngayo beyimbobom­bobo ngaphandle.

Uveze ukuthi uNene ubeneminya­ka eminingi esebenza ‘njengomalu­me’ othutha izingane futhi ngokwazi kwakhe yiwona msebenzi abeziphili­sa ngawo kanti ubuhamba kahle.

“Umfowethu ubewuthand­a kakhulu lo msebenzi wokuthutha izingane futhi ubewenza ngokuzimis­ela ngoba ubenetekis­i nemoto encane abekuseben­zisa,” kuchaza uNgcongo.

Uthe okwamanje akekho owazi imbangela yokubulawa kukamfowab­o futhi akekho umuntu abamsolayo ngoba kabamazeli sitha.

“Indlela okwenzeke ngayo sisola ukuthi abasolwa baqale ngokuqhumi­sa amathayi ukuze imoto ingeke ikwazi ukubaleka.

“Lesi sigameko sisithuse kakhulu siwumndeni ngendlela yokuthi asikakholw­a namanje okwenzekil­e ngoba umfowethu ubezwana nawo wonke umuntu futhi ezithandel­a nezindawo zobumnandi,” kuchaza uNgcongo.

Uqhube wathi njengomnde­ni baphatheke kabhlungu futhi lesi sigameko siyisilond­a esingasoze saphola ngoba sibazumile.

Imizamo yokuthola umndeni womfundi ayiphumele­langa

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe amacala amathathu okubulala esiteshini samaphoyis­a eMlaza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa