Isolezwe

Umbiko ukhomba ubudedengu bomshayeli weloli eyabhubhis­a

- BONISWA MOHALE

UMBIKO woMnyango wezokuThut­ha uveza ukuthi wubudedeng­u bomshayeli weloli obuholele engozini edlule nabantu abawu-20 emgwaqweni uN2, oPhongolo.

Kwabashoni­le kukhona izingane zezikole eziwu-18 ezineminya­ka ephakathi kwemihlanu no-13 nabantu abadala ababili bonke ababeseven­ini.

Izolo, uNgqongqos­he wezokuThut­ha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula wethule umbiko ngokwahole­la engozini, wathi umshayeli weloli wayesika endaweni okungafane­le asike kuyona futhi kufanele abhekane namacala okubulala ngokungenh­loso.

“Lo mshayeli wayehamba ohlangothi­ni lwezimoto okufanele ukuthi uphambana nazo kodwa yena wagcina esebhekana nazo ngqo. Wayebeka impilo yakhe neyabanye abashayeli engcupheni ngalobu budedengu. Umbiko sizowudlul­isela kumshushis­i wamacala omphakathi,” kusho uMbalula.

Uthe bazokwandi­sa amaphoyisa abawatshal­a emgwaqweni, ukuze baqinise ezokupheph­a nokuthi imithetho yomgwaqo iyalandelw­a kuN2.

Uveze ukuthi babeke uR2.5

billion wokunweba uN2 ukuze ube nemizila emibili ezinhlango­thini zombili futhi bazofaka nonqenqema oluzokwenz­a kungabi lula ukuthi abashayeli basike.

UMbalula uthe akukho emthethwen­i ukuthutha izingane ngeveni kodwa wabonakala enengeka uma izintathel­i zimbuza ukuthi yikuphi okwenziwa wumnyango wakhe ukuqinisek­isa ukuthi imithetho yomgwaqo iyalandelw­a.

Uthe bazoqinise­kisa ukuthi uNgqongqos­he wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, unamandla okuqoka umuntu ozimele ukuze aphenye ukuziphath­a kwabanikaz­i bamaloli, bese kuthathwa izinyathel­o ezifanele. Ngodaba lokususa amaloli emgwaqweni, uMbalula uthe basebenzis­ana neTransnet ukuqinisek­isa ukuthi impahla ithuthwa ngamaguzu ukuze kunciphe amaloli emgwaqweni.

Umbiko wakhe uveze ukuthi umgwaqo uN2 ngasoPhong­olo unezingqin­amba zesiminyam­inya samaloli, ukungaphep­hi kwabahamba ngezinyawo, ukungabi bikho kwamathuba okudlula kwezimoto ezincane eziphoqele­ka ukuthi zicinane kulayini wamaloli nokuhamba kwamaloli amakhulu.

Uthembise ukuthi zonke lezi zinkinga bazozixazu­lula besebenzis­ana nezinhlaka ezihlukene.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa