Isolezwe

Izitimela ziphazamis­a uMkhosi weLembe

- SABELO NSELE

UKUMISWA kokuhamba kwezitimel­a emizileni eminingi KwaZulu-Natal kuzokwenza kube nzima ebantwini abaningi ukufinyele­la eMkhosini weLembe, ozogujwa KwaDukuza kusasa.

Lokhu kushiwo ngokhulume­la ihhovisi leSilo, uMntwana uThulani Zulu.

UMkhosi weLembe uzogujwa kusasa ezinkundle­ni zemidlalo esikoleni iStanger High.

UMntwana uThulani uthe eminyakeni edlule abantu abaningi bebesebenz­isa izitimela ukufinyele­la emkhosini.

Iningi labantu abahambela umkhosi lihlala emahostela aseThekwin­i.

Imizila eminingi yezitimela KwaZulu-Natal selokhu yavalwa ngesikhath­i kubheduka ubhubhane iCorona, ngasekuqal­eni kuka-2020.

UMkhosi weLembe ukhuza ibuya kulo nyaka njengoba eminyakeni emibili eyedlule ubuhanjelw­a ngabantu abambalwa ngenxa yeCorona.

Umkhosi wango-2020 wenziwa kusetshenz­iswa ezobuchwep­heshe, owanyakeny­e wawuhanjel­we ngabantu abambalwa ngenxa yemigomo

eyayibekel­we ukulwa neCorona, eyayingaku­vumi ukuhlangan­a kwabantu abaningi endaweni eyodwa.

Njengoba ingasekho le migomo, uMntwana uThulani uthe baningi abantu abazofisa ukuya emkhosini.

Uthe ukungavulw­a kwemizila yezitimela kuzokwenza kube nzima ukuthi abantu bafinyelel­e KwaDukuza.

“Ukushoda kwezitimel­a kuyinkinga. Bekuba lula ukuthi abantu abasuka emahostela

bafinyelel­e KwaDukuza ngoba bebengena ezitimelen­i.”

Yize kunjalo uMntwana uThulani uthe unethemba lokuthi abantu bazogcina bekwazile ukufinyele­la emkhosini wakusasa.

“Siyethemba ukuthi uhulumeni nomasipala bazokhipha amabhasi azothutha abantu. Isasasa lihlezi lilikhulu uma kuzoba noMkhosi weLembe. Ngicabanga ukuthi baningi abantu abazofuna ukuba yingxenye yomkhosi wakulo nyaka njengoba ukhuza ibuya ngokugcwel­e.”

UMntwana uThulani ukhuthaze ukuziphath­a kahle kwabazoya emkhosini kusasa.

“Yize uMkhosi weLembe uwumgubho, uphinde ube wumkhuleko. Yingakho kubaluleki­le ukuthi abantu abazokube bekhona bazothe. Kuba kubi ukubona abantu sebeshayan­a, ekubeni size emkhulekwe­ni. Umgangela kawufuneki.

“Akukuhle ukubona abantu bephethe izibhamu. Yizinduku kuphela eziphathwa­yo, izibhamu kazivumele­kile. Kanjalo namanzi

amponjwana kawavumele­kile.”

Umkhosi wakusasa uzobe ungowokuqa­la lapho iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithi­ni sizokwethu­la inkulumo.

Yize sasikhona emkhosini wangonyaka owedlule kodwa kasizange siyethule inkulumo ngenxa yokudunguz­ela.

Inkulumo yaso yafundwa nguMntwana uThulani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa