Isolezwe

Babheme bakholwa abesifazan­e ngezelulek­o ngebhizini­si

- PHILI MJOLI

UNGABAMBEL­ELI ekutheni wena ufundeleni noma kungasakus­ebenzeli, vuleleka uzame eminye imikhakha ezokuseben­zela.

Lokhu kushiwo ummeli uNkk Zama Mkosi ngesikhath­i ekhuluma esithangam­ini esihlelelw­e ukuthuthuk­isa amakhono ebhizinisi kwabesifaz­ane esiyingxen­ye yombukiso wamabhizin­isi esihlelwe wuMasipala weTheku, iDurban Business Fair, ebiseInter­national Convention Centre (ICC), izolo.

UNkk Mkosi uthe uma ubona ukuthi umsebenzi owenzayo noma ibhizinsi olenzayo alisakuphi­lisi shintsha wenze okunye ngoba kuhlale kunelinye ithuba elikhona.

Uthe yena ubewummeli obhekele izinto ezithinta amaciko kodwa kuthe

uma kufika iCovid-19 washayeka ngoba amaciko abengasebe­nzi, waqala elinye ibhizinisi lokufundis­a ngomthetho nge-internet.

" Ngathatha iselula ngizidlale­la ngaqopha inkulumo ngafaka ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Ngiqhubeki­le ngilokhu ngikwenza kwaba ngukuqala kwengxenye efundisa ngezomthet­ho," kusho yena.

UNkk Indrani Govender ongumsungu­li wenkampani iRicniz Constructi­on, obeluleka abesifazan­e kulesi sithangami, uthe ibhizinisi ungaliqala noma ngabe uneminyaka emingaki futhi libe yimpumelel­o, uma uzimisele ukufunda uthole ulwazi.

"Ngiqale ibhizinisi ngineminya­ka ewu-47, kunesikhat­hi lapho ngangihlek­wa khona kuthiwa ngazini ngokwakha ngiwumuntu wesifazane.

“Akungiphat­hanga kabi lokho

ngoba ngempela nganginena­lo ulwazi kunalokho kwanginika ugqozi lokuthi ngifunde okwangenza ngakhula emsebenzin­i wami.

“Ngigcine ngifaka uphiko lukagesi, olokunakek­elwa kwezakhiwo, nolwezinsi­za zokuxhuman­a," kusho uNkk Govender.

Uthe akusho ukuthi azikho izinselelo endleleni futhi ziningi kangangoba yena wafaka izicelo zomsebenzi ezingu-36 echithwa waze wathola umsebenzi esefaka okwesi-37.

U-Amanda Dlamini oke waba ngukapteni weBanyana Banyana, uthe kubaluleki­le ukuthi uma usemkhakhe­ni ongena kuwo ngekhono lakho, ufunde ukuze ukwazi ukuthi uma sekufike isikhathi somhlalaph­ansi ukwazi ukuphila ngemfundo yakho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa