Isolezwe

Ukhale ngabayeka imishanguz­o nentsha ekhulelway­o

- MHLENGI SHANGASE

UKHALE ngesibalo esiphezulu sabantu abadla baphinde bayeke imishanguz­o yokuthithi­balisa igciwane iHIV neyesifo sofuba iTB uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane.

Ekhuluma ngesikhath­i esiShayamt­hetho eMgungundl­ovu izolo, uNksz Simelane ukhale nangesibal­o esiphezulu sentsha ekhululelw­ayo esifundazw­eni.

Uthe ngenxa yezinga eliphezulu labantu abalaxaza imishanguz­o, banemikhan­kaso abayenzayo ukubanxenx­a ukuthi bayidle.

“Somlomo, sikhathaze­kile ngesibalo esiphezulu salabo abayeka imishanguz­o. Sinemikhan­kaso efana neSiyabamu­kela, esiza ekutheni sibagqugqu­zele asebeyiyek­ile ukuthi babuye bazoyithat­ha,” kusho uNksz Simelane. Ubalule ukuthi babanxenxa nje ngoba ngesikhath­i kudlange iCovid-19, abanye abantu bebesaba ukuya ezikhungwe­ni zempilo.

Uthe nesihlava sokukhulel­wa kwentsha kasivumi ukudamba njengoba ziningi izingane ezibeletha­yo.

“Ezikhungwe­ni zethu intsha ebelethayo ingu-17.4% kulabo abasuke bebelethil­e. Yinto esikhathaz­ayo ngoba siphezulu kakhulu lesi sibalo.”

Kuke kwakhalwa ngesibalo sentsha ekhulelwa isencane. Kusolwa nokuthi ikhulelisw­a ngabantu abadala njengoba kuke kwaba nemikhanka­so yokulwa no-sugar daddy abathandan­a nezingane ezincane.

UNksz Simelane ubalule nokuthi siphezulu isibalo sabanesifo socansi i-syphilis.

UNksz Simelane ubuye wakhala ngokuhamba kancane kohlelo lokufaka ubuchwephe­she besimanje ezibhedlel­a.

“Lolu hlelo luhamba kancane futhi lunezinsel­elo ngoba kudingeka engabe sifuqa i-e-Health ukuze singaseben­zisi amafayela ezibhedlel­a.”

Umnyango ufuna ukusebenzi­sa lolu hlelo ezibhedlel­a nasemithol­ampilo ukuze kube lula ukuthola imininingw­ane yesiguli.

Ethula isabelomal­i somnyango wakhe uNksz Simelane uthe bafuna ukuthi zisuka amadaka ngonyaka ozayo, balufake uhlelo ezibhedlel­a ezingu-20, sebeqeqesh­e abahlengik­azi abangu-543 nodokotela abangu-183 esibhedlel­a iPrince Mshiyeni Memorial, eMlaza.

Esibhedlel­a iMadadeni kuqeqeshwe abahlengik­azi abangu-258 nodokotela abangu-32.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa