Bafuna kujeziswe abashisa izikole kuvalwe namaselula
UKWANDA kwezehlakalo zodlame olubhekiswe kothisha ezikoleni, ukubulawa kwabo kanjalo nokushiswa kwezikole KwaZuluNatal sekwenze amalungu esiShayamthetho afuna bathathelwe izinyathelo ezinqala abazoshisa izikole kuvalwe nokuphathwa kwamaselula ezikoleni.
La malungu asekomitini lezemfundo afuna nokuthi amaphoyisa agasele kungazelele muntu ezikoleni afike aseshe izidakamizwa nezikhali.
Lezi ziphakamiso zenziwe ngesikhathi kunenkulumompikiswano esiShayamthetho sesifundazwe izolo njengoba kuphakanyiswe nokuthi kubizwe ingqungquthela yokubhunga ngezinselelo ezikhona.
Usihlalo waleli komiti uMnuz Sifiso Sonjica, ugxeke izehlakalo zakamuva zokushiswa kwamakilasi esikoleni iNdengetho High emuva kokuba amaphoyisa eseshe athatha amaselula, izikhali nezidakamizwa kubafundi.
Ukhale nangesehlakalo sokushiswa kwemoto kathisha waseNorthbury Secondary eMgungundlovu muva nje ngumfundi amphuca iselula.
“Ingqungquthela yokuxoxa ngalesi sihlava ingasiza siqhamuke nomkhombandlela ngokumele kwenziwe. Kumele ibhekwe eyokuphathwa kwamaselula, iqiniswe, nemigomo ethinta ukuziphatha kwabafundi.”
UNkk Thembeni MadlophaMthethwa we-IFP, uthe kade babehlaba ikhwelo lokuthi akube nezinto ezizobamba izikhali uma abafundi bengena esikoleni.
Uthe abathathelwe izinyathelo ezinqala abacekela phansi izikole.
“Akugasele amaphoyisa afike aseshe abathathele izinyathelo abazotholakala nezinto ezingafanele ezikoleni. Kumele umphakathi uma ushise isikole, singalungiswa uhulumeni kodwa silungiswe yiwona umphakathi ngoba iningi imali echithwa kulungiswa impahla ecekelwa phansi ngamabomu.”
Ukhale ngabazali wathi kumele bayeke ukuvuna izingane zabo uma zonile.
“Abazali abayeke ukuvuna izingane uma zonile babhoke ngolaka bathi ziyasukelwa.”
UDkt Imran Keeka weDA, uthe waphakamisa ukuthi kube nengqungquthela efuze le kodwa wachithwa ngowayengungqongqoshe wezeMfundo uMnuz Kwazi Mshengu.
Uthe akuvalwe ukusetshenziswa kwamaselula ezikoleni ngesikhathi sesikole.
“Ngeke le mpi siyilwe sodwa umphakathi kumele ube yingxenye. Nezinye izinhlaka ezibalulekile okubalwa neminye iminyango kahulumeni kumele ibe yingxenye yale ngqungquthela.”
UNgqongqoshe wezeziMali uNkk Peggy Nkonyeni, ukhale ngokuthi ukucekelwa phansi kwempahla efana nezikole kwenza ukuthi kudingeke enye imali yokuzilungisa.
Uthe kumele abashisa izikhungo zikahulumeni bathathwe njengalabo abalwisa uMbuso.
I-ACDP, NFP neMinority Front bavumelene ngokuthi kube nengqungquthela.
UNkk Bongi Sithole-Moloi ibamba likaNgqongqoshe wezeMfundo, uthe iwumbono omuhle eyengqungquthela wathi nezigungu zezikole kumele zilekelele ekutheni ziqaphe okwenziwa abafundi ezikoleni.