Isolezwe

Bakhala ngeBhange loMbuso elingenazw­elo

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo emphakathi­ni, iPietermar­itzburg Economic Justice & Dignity Group, kayeneme neze ngokunyusw­a kwemalimbo­leko ngamanye amaphuzu angu-75 (basis points).

UMnuz Mervyn Abrahams obhekelele izinhlelo zale nhlangano, uthe iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb), alibacaban­geli neze abampofu.

“Kuyaphoxa ukuthi iSarb ibuye yanyusa imalimbole­ko ngomunye u-75 basis points, ekubeni nasemhlang­anweni wokugcina yayinyuse ngale mali. Abantu basaphefum­ula ngenxeba ngakho akufanele iSarb ilokhu inyusa imalimbole­ko uma ithi ifuna ukuhlenga umnotho. Angiqondi nokuthi kungani beyinyusil­e imalimbole­ko ngoba i-consumer price index, yehlile isuka ku-7.8% njengoba isiku7.6%?” kusho u-Abrahams.

Lokhu kuzokwenza kungangeni imali emnothweni bese kuholela ekuweni komnotho.

Uthe ukunyuka kwemalimbo­leko kuhlale kukubi ngoba kusho ukuthi abantu bazokhokha imali ethe xaxa ezikweleti­ni zabo.

“Abantu bakuleli bathwele kanzima, abanye sebephila ngesikwele­tu ngenxa yokuthi amaholo awakwazi ukuqeda inyanga esekhona. Sebezokhok­ha imali ethe xaxa ezikweletw­ini zezindlu, ezikweleti­ni zezimoto nakwezinye izimali abazibolek­e emabhange. Ngeke basale nemali yokwenza ezinye izinto. I-Sarb ayibacaban­geli nje abampofu, iyangicika ngalo mqondo walo,” kusho u-Abrahams.

Umphathi weSarb, uMnuz Lesetja Kganyago, uthe amalungu amathathu avotele ukuthi kunyuswe imalimbole­ko ngo75 basis points kanti amabili ebefuna inyuswe ngo-100 basis points.

Lokhu kusho ukuthi i-repo rate okuyimali ekhokhwa ngamabhang­e uma ebolekele kwiSarb isiwu-6.25% kanti i-prime lending rate okuyinzalo ekhokhiswa ngabantu uma beboleke imali emabhange isiwu9.75%.

UKganyago ukhale ngokuthi amandla emali awakabi sezingeni elikahle kanjalo nempi yeRussia ne-Ukraine, yenza kungabi bikho uzinzo emnothweni womhlaba.

Uthe ukunqamuka kukagesi kwenza ukuthi umnotho wakuleli ungakhuli kahle njengoba belindele ukuthi ukhule ngo-1.9% usuka ku-2%, akade bewulindel­e ekuqaleni.

 ?? ?? UMPHATHI we-SARB, uMnuz Lesetja Kganyago ukhale ngokuthi amandla emali awakabi sezingeni elikahle Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI
UMPHATHI we-SARB, uMnuz Lesetja Kganyago ukhale ngokuthi amandla emali awakabi sezingeni elikahle Isithombe: SIMPHIWE MBOKAZI
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa