Isolezwe

Ukukhathaz­eka ngokucishw­a kukagesi ezikhungwe­ni zempilo

- JONISAYI MAROMO

INHLANGANO, iHealth Profession­s Council of

South Africa (HPCSA) ikhala ngomonakal­o odalwa wukucishwa kukagesi okuthiwa kuyamosha ezikhungwe­ni zempilo ezweni lonke.

Lokhu kuvezwe nguSolwazi Simon Nemutandan­i ongumengam­eli wale nhlangano. Uthe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kunezela izinkinga kwezempilo ezivele zinezinkin­ga eziningi.

Uthe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuthikamez­a ukunakekel­wa kweziguli ezikhungwe­ni zempilo.

“Abasebenzi bezempilo ezibhedlel­a kabakwazi ukwenza imisebenzi, ukuhlinzwa kweziguli okusuke kuphuthuma ngenxa yale nkinga. Lokhu kubeka impilo yeziguli engcupheni,” kusho uNemutanda­ni.

Uthe izikhungo zempilo zibuye zisetshenz­iswe yizitshude­ni ezenza uhlelo lwazo lokuqeqesh­wa, ngakho ukucishwa kukagesi kuyazithik­ameza nazo.

“Abantu abalingani­selwa ku-80% eNingizimu Afrika bathembele ezikhungwe­ni zikahulume­ni zempilo.

Ukucishwa kukagesi nokungabi bikho kwendlela yokubhekan­a nalesi simo kubukeka kuza nezinkinga kwezempilo, okuholela ezingqinam­beni ezinemiphu­mela engemihle,” kusho yena.

Uveze ukuthi kunezibhed­lela zikahulume­ni ezilingani­selwa ku-420 nemitholam­pilo elinganise­lwa ku-3 000 ezweni lonke.

Uthe izibhedlel­a ezizimele, nezaziwa ngokuthi ngamasecon­dary nama-tertiary kwezikahul­umeni zona zinazo izinsiza zokuphehla ugesi.

“Ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, kulimaza neziguli ezithembel­e emishinini ukuze ziphefumul­e,” kusho uNemutanda­ni, owengeze ngelithi kwayona imishini abasebenza ngayo iyalimala uma ibhekana nokuthikam­ezeka kokusebenz­a njalo uma kuhamba ugesi.

Uveze ukuthi izibhedlel­a nemitholam­pilo eminye, kayinawo ama-generator. Lokho kuholela ekutheni sihlale ebumnyamen­i njalo uma kuhamba ugesi.

“Sinxusa ukuthi zonke izibhedlel­a, imitholamp­ilo nezinye izikhungo zempilo zikhishwe ngaphansi kohlelo lokucishwa kukagesi. Siyakholel­wa ekutheni lokhu kuzolekele­la kakhulu ekutheni ukunikezel­wa kosizo emphakathi­ni kungathika­mezeki,” kusho yena.

 ?? ?? MNINGI umonakalo odalwa wukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga ezikhungwe­ni zezempilo kuleli
MNINGI umonakalo odalwa wukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga ezikhungwe­ni zezempilo kuleli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa