Ukukhathazeka ngokucishwa kukagesi ezikhungweni zempilo
INHLANGANO, iHealth Professions Council of
South Africa (HPCSA) ikhala ngomonakalo odalwa wukucishwa kukagesi okuthiwa kuyamosha ezikhungweni zempilo ezweni lonke.
Lokhu kuvezwe nguSolwazi Simon Nemutandani ongumengameli wale nhlangano. Uthe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kunezela izinkinga kwezempilo ezivele zinezinkinga eziningi.
Uthe ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga kuthikameza ukunakekelwa kweziguli ezikhungweni zempilo.
“Abasebenzi bezempilo ezibhedlela kabakwazi ukwenza imisebenzi, ukuhlinzwa kweziguli okusuke kuphuthuma ngenxa yale nkinga. Lokhu kubeka impilo yeziguli engcupheni,” kusho uNemutandani.
Uthe izikhungo zempilo zibuye zisetshenziswe yizitshudeni ezenza uhlelo lwazo lokuqeqeshwa, ngakho ukucishwa kukagesi kuyazithikameza nazo.
“Abantu abalinganiselwa ku-80% eNingizimu Afrika bathembele ezikhungweni zikahulumeni zempilo.
Ukucishwa kukagesi nokungabi bikho kwendlela yokubhekana nalesi simo kubukeka kuza nezinkinga kwezempilo, okuholela ezingqinambeni ezinemiphumela engemihle,” kusho yena.
Uveze ukuthi kunezibhedlela zikahulumeni ezilinganiselwa ku-420 nemitholampilo elinganiselwa ku-3 000 ezweni lonke.
Uthe izibhedlela ezizimele, nezaziwa ngokuthi ngamasecondary nama-tertiary kwezikahulumeni zona zinazo izinsiza zokuphehla ugesi.
“Ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, kulimaza neziguli ezithembele emishinini ukuze ziphefumule,” kusho uNemutandani, owengeze ngelithi kwayona imishini abasebenza ngayo iyalimala uma ibhekana nokuthikamezeka kokusebenza njalo uma kuhamba ugesi.
Uveze ukuthi izibhedlela nemitholampilo eminye, kayinawo ama-generator. Lokho kuholela ekutheni sihlale ebumnyameni njalo uma kuhamba ugesi.
“Sinxusa ukuthi zonke izibhedlela, imitholampilo nezinye izikhungo zempilo zikhishwe ngaphansi kohlelo lokucishwa kukagesi. Siyakholelwa ekutheni lokhu kuzolekelela kakhulu ekutheni ukunikezelwa kosizo emphakathini kungathikamezeki,” kusho yena.