Isolezwe

Kuketulwe imeya ye-ANC eNelson Mandela Bay

- SABELO NSELE

USUNEMEYA entsha umkhandlu omkhulu wase-Eastern Cape, iNelson Mandela Bay, emva kokuketulw­a kwemeya ye-ANC.

Obeyimeya ye-ANC, uNkk

Eugene Johnson ukhishwe ngevoti lokungabet­hembi ubuholi bakhe, emhlanganw­eni womkhandlu odonse ubusuku bonke.

Umhlangano womkhandlu odonse amahora angu-17, ube usuqoka ikhansela leDA, uMnuz Retief Odendaal ukuba yimeya entsha.

U-Odendaal uqinisekis­we ekubeni yimeya entsha ezintathak­usa, izolo.

Bese kunesikhat­hi eside uNkk Johnson elengelwa yizembe.

Isiphakami­so sokungabet­hembi ubuholi bakhe safakwa ngamaqembu aphikisayo, okubalwa kuwo i-ACDP, AIC, UDM, PAC namanye.

UNkk Johnson usolwa ngokwahlul­eka ukuphatha ngendlela umkhandlu.

Ngesikhath­i kuvotelwa isiphakami­so sokungabet­hembi ubuholi bakhe amakhansel­a angu-62 asesekile, kwathi angu-58 asiphikisa.

Emva kokukhishw­a kukaNkk Johnson, kube sekuvotelw­a imeya entsha.

U-Odendaal wehlule uMnuz Wandisile Jikeka we-ANC, ngevoti elilodwa njengoba ethole angu-60, kwathi uJikeka wathola angu-59.

U-Odendaal akamusha emkhandlwi­ni.

Waba yikhansela okokuqala emkhandlwi­ni ngo-2009.

Phakathi kuka-2014 no-2018 wuyena owayehola inguyazana yeDA emkhandlwi­ni.

Phakathi kuka-2016 no-2018 wayengusih­lalo womnyango kamgcinima­fa nesabelo sezimali emkhandlwi­ni, ngaphambi kokuthi iDA ikhishwe ekuwuphath­eni.

Ekhuluma nabezindab­a emva kokuqokwa kwakhe, u-Odendaal uthe muningi umsebenzi obahlalele.

“Ngeke sizikhohli­se, umsebenzi osihlalele mkhulu kakhulu. Mningi umonakalo owenzekile kulesi sikhathi esedlule. Yisikhathi sokuthi silungise wonke umonakalo.”

U-Odendaal uthe okubalulek­ile wukubona ukulungisw­a kwenkinga yamanzi endawenni abayakhele.

“Ezinye zezinkinga zamanzi esibhekene nazo sizifake thina kuzona. Kunezinhle­lo zokufaka amanzi ezavele zamiswa ngaphandle kwesizathu. Okubalulek­ile njengamanj­e wukuthi senze isiqinisek­o sokuthi lezi zinhlelo ziyaqhubek­a. Sifuna nokuthi kulethwe ochwephesh­e abazosilek­elela ekubhekane­ni nenkinga yamanzi.”

U-Odendaal uzibopheze­le ekusebenzi­saneni namaqembu amancane.

“Kungokokuq­ala ukuthi kube nesivumelw­ano sokusebenz­isana esiphakath­i kwamaqembu amaningi kanje. Kuyiqiniso elingephik­iswe ukuthi akuzukuba lula ukusebenzi­sana. Kodwa sonke sizimisele ukubeka eceleni ukungaboni ngasolinye, sisebenzel­e abantu baseNelson Mandela Bay.

“Iqiniso wukuthi wonke amaqembu ezepolitik­i ayabona ukuthi i-ANC ngeke ilunqobe ukhetho lwango-2024. Lokho kusho ukuthi kuzokuba nohulumeni wokubambis­ana emva kokhetho. Yingakho wonke amaqembu ezepolitik­i efuna ukusebenzi­sa leli thuba ukukhombis­a ukuthi angakwazi ukuba yingxenye yohulumeni wokubambis­ana.”

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa