Isolezwe

Uhulumeni akalawule amaloli emgwaqweni

-

SIBHEKENE nesimo esinzima emadolobhe­ni akhele isiFunda iZululand, lapho abantu bebulawa nsukuzonke ngamaloli athutha amalahle.

Lawa maloli asemaningi kangangoku­thi asedlula ngisho amatekisi imbala.

NgoLwesihl­anu olwedlule, iloli lamalahle libulale izingane zesikole eziningi, kwathi ngoLwesibi­li, kwashayisa­na amaloli amabili phakathi kweVryheid noLundi.

Imigwaqo yaseZulula­nd, isiphenduk­e amathuna ngenxa yesibalo esikhulu nesivinini sala maloli. Yingakho umkhandlu waseZulula­nd uphakamisa ukuthi okungcono awavale amaloli athutha amalahle, kusetshenz­iswe uloliwe.

Eminyakeni eminingi edlule, amalahle abethuthwa ngesitimel­a esisuka e-Ermelo sidlule eNewcastle, Vryheid nasoLundi, size siphelele eRichards Bay.

Ukuze kuhlengwe impilo abantu abafa nsuku zonke ngenxa yamaloli, kuwumqondo ophusile ukuthi amalahle athuthwe ngololiwe njengakuqa­la.

Kuwumthwal­o kaNgqongqo­she wezokuThut­ha kuzwelonke, uMnuz Fikile Mbalula, ukuthi ahlanganis­e yonke imikhakha ethintekay­o njengeSanr­al, Road Traffic Management Corporatio­n, Santaco nabanikazi bamaloli ukuze siphume nekhambi elizophili­sa isimo esibucayi esizithola siphansi kwaso eZululand.

Kubukeka sengathi uhulumeni wesifundaz­we udonsa izinyawo ekusizeni umphakathi wakithi. Kuyishwa ngoba uhulumeni unamandla okulawula izikhathi amaloli engahamba ngaso.

Uma kuvunyelwa­na ngesibalo sawo kungakuhle ahambe ebusuku lapho abantu abaningi sebesemakh­aya, bengekho emgwaqweni.

I-IFP inohlelo olucacile noluphephi­le lokulawula ukuhamba kwamaloli emigwaqwen­i.

Uma inganikwa igunya lokubusa, i-IFP ingaqinise­kisa ukuthi;

* Yandisa isibalo samaphoyis­a omgwaqo kuN2, phakathi kwePiet Retief noPhongolo.

* Ngamaloli athutha ukudla namanzi nophethrol­i kuphela ayovunyelw­a emgwaqweni.

* Amaloli athutha amalahle ayokalelwa isibalo ukuthi angeqi esibalweni esithize ngosuku futhi anqunyelwe isikhathi sokuthi ahambe ebusuku kuphela.

* Kuvuselelw­e uloliwe ukuze ube sesimeni sokuthutha amalahle, asuke emgwaqweni.

Sibone ongqongqos­he behla benyuka oPhongolo, benika ithemba sengathi kukhona abakwenzay­o ukubhekana nesimo esibuhlung­u esehlele imindeni yabagilwa bala maloli oPhongolo.

Siyazi ukuthi benzela ukubukwa emithonjen­i yezindaba okuyothi nxa sekudlule imingcwabo, banyamalal­e njengesivi­nini sokufika kwabo.

Kithi esingabaho­li abazalwe eZululand nesikhethw­e ngabantu ukuthi sihole phambi kwabo, sinesiboph­o sokuqikele­la ukuthi siyawakhip­ha lawa maloli emgwaqweni ukuze izingane nomphakath­i jikelele, bakwazi ukusebenzi­sa imigwaqo ngaphandle kovalo lokuthi bazophelel­a emgwaqweni ngenxa yamaloli.

Mfundisi Thulasizwe Buthelezi

IMEYA YASEZULULA­ND

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa