Isolezwe

Uhulumeni uyasixhaph­aza usiphuca ugesi namanzi

-

MHLELI: Ngithi angibhale kuleli lakho eliwela umfula ugcwele, ngizwakali­se ukungenami kwami ngesenzo esibi esenziwa wuhulumeni mayelana nokunqanyu­lwa kokuphakwa kukagesi, osekuyinsa­kavukela muva nje.

Uhulumeni nenkampani ephakela ugesi, i-Eskom mabayeke ukusixhaph­aza belokhu besiphuca ugesi, benze sengathi asiwukhokh­eli ekubeni sikhokha.

Indlela okuthathwa ngayo ugesi manje akuseyona ebikade yenzeka phambilini lapho bewuthathw­a okungenani kanye ngosuku amahora amabili. Muva nje, abasanqeni ukuwuthath­a izikhawu ezintathu osukwini.

Okusho ukuthi bawuthatha amahora ayisithuph­a ngosuku.

Mina bengithi okungenani abavele basiphuce wona nje unomphelo, sivele

sazi ukuthi sibuyela ekhandlele­ni kunalo masigcozi abasidlali­sa wona.

Kufana nale nto eyenziwa wuMasipala iZululand kithi zakhamizi ikakhuluka­zi ezakhele uMasipala wasoLundi, yokuvala amanzi engatholak­ali empompini, baze bawavule ngoba sekuthanda bona.

Into eyenziwa wumasipala uyawavala amanzi empompini, awavule noma kanye ngenyanga.

Uma ubathinta ezingcingw­eni ukhuluma ngamanzi, bavele bekutshele ukuthi amanzi awekho kunesomiso, besho behubhuza, amanzi egcwele imifula naseMfoloz­i.

Eyezimoto zikamasipa­la eziphakela amanzi angiyiphat­hi-ke, ungafa yizo azisaziwa. Usuyibona ngoba kade iyofakela abathize abaziwayo noma iyofakela lowo osuke esekhulume nabo ngenhloso yokuwathen­ga. Angiyiphat­hi-ke eyezindawo

ezisehlanz­eni ezingenamp­ompi. Imoto yamanzi isafike kanye noma kabili yilokhu kwavotwa ukhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule. Sekwaphilw­a ngamanzi ambiwa phansi nawasemifu­leni.

Ngoba phela kwabona ompompi laba ababefakwe emakhaya eminyakeni eyedlule sebaze balala ubulwembu, lutho ukuphuma amanzi futhi akekho okhuluma indaba yabo ngisho kulaba abazibiza ngabaholi emphakathi­ni. Bathule sengathi bamumethe isinemfu.

Akungadlal­wa ngathi nangemizwa yethu. Kuyilungel­o lethu siyizakham­izi zaseNingiz­imu Afrika ukuthola intuthuko esifanele nesezingen­i.

Lindokuhle Basi EMAHLABATH­INI

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa