Isolezwe

Uthweswe iziqu owalandela umngani

- PHILI MJOLI

WETHWESWE iziqu zeMasters kwiChemist­ry owangena kulo mkhakha elandela umngani wakhe, engazi nokuthi kwenziwani kuwo.

UNksz Lungile Hadebe waseDannha­user, eNewcastle, othweswe iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal izolo, uthe wayezikhet­hele umkhakha angasawukh­umbuli nokuwukhum­bula kodwa wawunezoli­mo, awufunda i-semester eyodwa wawuyeka walandela umngani wakhe owayenza iChemistry.

"Ngashintsh­a nje ngoba ngithanda igama ngazitshel­a nje ukuthi kumele ukuthi umngani wami uqinisile mayethi umkhakha omnandi futhi onamathuba.

“Ngangingaz­i nokuthi uma sengiqedil­e ukufunda ngizoseben­za kuphi.

Ngokuhamba kwesikhath­i ngathola ukuthi iChemistry ingena kuyo yonke imikhakha, nakhona la engabaleka khona iyangena.”

Uthe akazisoli ngokulande­la umngani wakhe ngoba lo mkhakha uvulekile futhi unamathuba amaningi.

UNksz Hadebe uthe endaweni yangakubo amanzi ayashoda kangangoba amanzi abawaphuza­yo aphuma emapitsini, awanambith­eki kahle, kwesinye isikhathi awaphephil­e.

"Nginentshi­sekelo yokuthi ngiqhamuke nempendulo yokuthi angahlanzw­a kanjani amanzi okungaba adonswe phansi noma awolwandle.

“Ucwaningo luyasitshe­la ukuthi izwe lethu alinawo amanzi amaningi esingawaph­uza kodwa akhona inkinga ukuthi awaphephil­e ukuthi akumele aphuzwe yingakho ngenze ucwaningo olubheka lokho.

“Ngithole ukuthi izinsalela zekhofi eseziseben­zile ebezizolah­lwa ungazishin­tsha uzisebenzi­se wenze izinto zokuhlanza amanzi.

“Ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngokuseben­zisa udoti obekuzothi uma ulahlwa ungcolise umoya ngokuqhamu­ka nesisombul­ulo sokuhlanza amanzi," kusho yena.

UNksz Hadebe uneDegree yeChemistr­y neChemical Technology, iHonours in Chemistry, izolo ubethweswa iziqu zeMasters in Chemistry kanti wenza iPHD kuyo iChemistry zonke iziqu zakhe uzithole e-UKZN.

Uthe uthwale kanzima ngesikhath­i enza iMasters yakhe ngoba kufike iCovid-19 kwaphoqele­ka ukuthi abuyele eDannhause­r ekubeni engenayo ne-laptop yokusebenz­a.

"Sithe sibuya emakhaya sisathi siyasebenz­a, i-laboratory yethu yasha, kwadingeka ukuthi sihlale.

“Konke lokhu bekusho ukulahleka kwesikhath­i bese ngisaba ukuthi ngizongakw­azi ukuqeda izifundo zami," kusho uNksz Hadebe

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Lungile Hadebe obethweswa iziqu e-UKZN
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Lungile Hadebe obethweswa iziqu e-UKZN

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa