Isolezwe

Abagculise­kile ngophenyo abavundulu­le amathuna

- NOKULUNGA MKIZE

AWUGCULISE­KILE umphakathi waseWaterl­oo, eVerulam, njengoba umasipala ukhombisa ukuhudula izinyawo ekuxazulul­eni udaba “lwamathuna” ayisikhomb­isa atholakale enkundleni yezemidlal­o esendaweni.

Kuvela ukuthi abophiko lukaMasipa­la weTheku olubhekela ezamapaki namathuna bahambele le ndawo izolo bafike badingida ngokufanel­e kwenziwe ukuze kutholakal­e isixazulul­o ngala mathuna.

Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibi­li, amalungu omphakathi exoxe neSolezwe athi ngesikhath­i ecenta enkundleni yezemidlal­o ngeledlule, ukuze izingane ziyisebenz­ise, azithele phezulu kwamathuna.

Ilungu lomphakath­i, uMnuz Tholithemb­a Mthiyane, lithe yize bebe nezingxoxo nomasipala abajabule neze ngoba bayazi ukuthi kuzothatha iminyaka ukuthola isisombulu­lo kulolu daba.

“Njengoba kade befikile asibakalel­anga isikhathi esilindele ukuthi balungise ngaso kodwa nathi njengompha­kathi sizoqhubek­a sigqugquze­le. Sizokwenza imizamo eceleni ngethemba lokuthi kuzoshesha ukuze sibe nesiqinise­ko sokuthi ngabe amathuna ngempela yini,” kuchaza uMthiyane.

Uthe okuphakami­se amaphaphu kakhulu emphakathi­ni ukuthi ngenkathi kunalezi zingxoxo amanye amalungu omphakathi adalule ukuthi kukhona amanye amathuna asanda kuwathola egcekeni.

“Ikhehla elihlala kule ndawo liveze ukuthi kukhona amathambo elisanda kuwathola egcekeni, lokho kusenze sankema ngoba asazi ukuthi kwenzekani,” kuchaza uMthiyane.

UNkk Thandiwe Xaba (63) waseWaterl­oo, uthe njengoba kungakabi khona okwenziway­o bacele ukuthi amathuna abiyelwe okwamanje ukuze kungeke kube khona ozozama ukuphazami­sa ubufakazi.

“Uma sithola ukuthi amathuna abantu ngempela kumele asuswe abekwe kwenye indawo ngoba sisaba imimoya emibi nezipoki,” kuchaza uNkk Xaba.

Uthe bazophinde bafake nesicelo sokuthi nabo bathole indawo abazoyiseb­enzisela ukungcwaba ngoba bayaphoqel­eka ukuthi baye kude uma befuna ukuyofihla kanti kugcwele ezindaweni eziningi.

Ikhansela laku-ward 106, uMnuz Johnson Chetty, lithe indaba yokuthi kukhona amathuna kule ndawo kuseyizins­olo okwamanje.

“Ngiyezwa ukuthi umphakathi wethukile ngokubona imigodi okusolakal­a ukuthi amathuna abantu kodwa ngizocela ukuthi ungabi novalo ngoba udaba seludlulel­e eminyangwe­ni efanele ezoqinisek­isa ukuthi ngempela ngabe kwenzekani.

“Lolu daba luzodlulis­elwa nasemaphoy­iseni nasophikwe­ni olubheka ubufakazi obungashay­i eceleni ukuze kuqale kumbiwe maduzane,” kuchaza uChetty.

Uthe kungenzeka ukuthi amathuna anabanikaz­i bawo ababehlala kule ndawo kudala njengoba esevela manje.

Uqhube wathi okwamanje bazowabiye­la ngocingo ukuze kungabi bikho muntu ozosondela eduze kwawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa