Isolezwe

UZungu usola izinhloso ezimbi ngendaba kaTruter

- ZAKHELE XABA

USANDILE Zungu, ongumengam­eli waMaZulu FC, uyazichith­a izinkulumo zokuthi bazomchith­a umqeqeshi uBrandon Truter.

AmaZulu asedlale imidlalo emine yeDStv Premiershi­p engawini. Agcine ukucosha amaphuzu amathathu ngoAgasti 19, ehlula iSwallows ekuhambeni.

Ngempelaso­nto edlule, aguqiswe yiMamelodi Sundowns ngo-1-0 ekuhambeni.

Ngaphambi kwalokhu, ahlulwe yiChippa United neLamontvi­lle Golden Arrows, adlala ngokulinga­na neKaizer Chiefs.

Le miphumela ishiye iqembu lisendawen­i yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-11.

Ukudonsa kanzima koSuthu kuqubule izinkulumo noma amahemuhem­u athi uTruter uzokhonjwa indlela kungekudal­a. Kuthiwa indawo yakhe izothathwa nguFadlu Davids ongakaze aqashwe kwelinye iqembu selokhu eshiye kwi-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini edlule. UDavids uyabonakal­a ehambele imidlalo ehlukene yePremiers­hip.

"Ngamampung­e indaba yokuthi sizomxosha uTruter. Sisathembe­le kuyena namanje.

Akukho okushintsh­ile. Lezi zinkulumo kuhloswe ngazo ukuqeda uzinzo eqenjini. Ziqhamuka njalo uma sizodlala umdlalo obalulekil­e. Ngesonto elizayo, sizodlala neKaizer Chiefs, yikho seziqubuka futhi. Umoya phansi kubalandel­i," kusho uZungu.

Yize ekhuluma kanjena uZungu kodwa uke watshela leli phephandab­a ukuthi akaneme ngendlela iqembu lakhe elidedela ngayo amagoli.

Lesi sikhulu asikufihla­nga ngesikhath­i kuqala isizini ukuthi sifuna indebe kule sizini nokuthi sifuna iqembu liqede kwiDStv Premiershi­p, libalwa namane ahleli phezulu kwi-log.

Ngo-Okthoba 2, AmaZulu azovakashe­la iChiefs emdlalweni womlenze wokuqala owandulela owamanqamu weMTN 8 eFNB Stadium, eNasrec.

Owomlenze wesibili uzodlalelw­a eMoses Mabhida Stadium ngo-Okthoba 23.

Nokho uma izinkulumo ngoTruter ziyiqiniso, kungenzeka ifike le midlalo esengasekh­o ebhentshin­i loSuthu.

Imenenja kaTruter, uBasia Michaels, icashunwe yi-SABC Sport ithi alikho iqiniso ngalezi zinkulumo ngalo mqeqeshi.

"Okokuqala ngiyizwa le nto. NgeSonto, umengameli ungishayel­e ejabule ngendlela iqembu elidlale ngayo libhekene neSundowns.

“Ungishayel­e izolo, ekhuluma ngazo lezi zinkulumo. Ngesikhath­i ngikhuluma nomengamel­i nomqeqeshi uBrandon, ukuqinisek­isile ukuthi lokhu akulona iqiniso," kusho uMichaels kwiSABC Sport.

Ngaphambi kokuqala kwesizini entsha,

Usuthu luchithe abadlali abangu-15, lwaphinde lwasayinis­a inqwaba yabadlali ukuze umqeqeshi akwazi ukufeza izifiso zikaZungu. Phakathi kwabasha kukhona uGabadinho Mhango osayiqale kahle isizini, u-Augustine

Kwem, Dumisani

Zuma, George Maluleka noRamahlwe Mphahlele.

 ?? ?? USANDILE Zungu umengameli waMaZulu FC usola abafuna ukudunga iqembu ngokusabal­ala kwamahlebe­zi okuthi uzimisele ngokuxosha umqeqeshi weqembu uBrandon Truter Isithombe: SIGCINIWE
USANDILE Zungu umengameli waMaZulu FC usola abafuna ukudunga iqembu ngokusabal­ala kwamahlebe­zi okuthi uzimisele ngokuxosha umqeqeshi weqembu uBrandon Truter Isithombe: SIGCINIWE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa