Isolezwe

UMatsheke usafuna ukuyodla ijezi kwiChiefs

- ZAKHELE XABA

UMDLALI wasesiswin­i, uDarrel Matsheke, obolekiswe yiKaizer Chiefs kwiSwallow­s, uyasibona isikhala sakhe esikimini somqeqeshi u-Arthur Zwane eNaturena.

UMatsheke (23) wayeyibamb­a eqenjini laMakhosi leDStv Diski Challenge kumasizini adlule ngaphansi kukaZwane. Bekunethem­ba lokuthi ukunikwa isikhundla sokupheka isikimu esikhulu kukaZwane kuzoholela ekutheni ahlale eNaturena, uMatsheke obekade ebolekiswe kuThongath­i FC, kwiMotsepe Foundation Championsh­ip ngesizini edlule.

Amakhosi adedele abadlali abangu-12, asayinisa abanye ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023. KwiSwallow­s, uMatsheke ubolekiswe noLebohang Lesako okhulele enkulisa yeChiefs.

"Ngifuna ukubuyela kwiChiefs ngiyolwela indawo yami. Ikhona indawo yami laphaya. Ngifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi ngisebenza kanzima lapha kwiSwallow­s ukuze ngizophind­ela ngiyodlala kwiChiefs," kusho uMatsheke.

Ngesikhath­i somqeqeshi uGavin

Hunt eNaturena, uMatsheke ngomunye wabadlali abalimisil­e iqembu. Ngaleso sikhathi, iChiefs kade idonsa isigwebo ebesiyivim­bela ukuthi isayinise abadlali kulandela izinkinga ezivele ngemuva kokusayini­sa ngendlela okungesiyo­na, u-Andriamira­do Andrianami­manana waseMadaga­scar.

Inkontilek­a kaMatsheke neChiefs izophela ngoJuni 2024. Lokhu kusho ukuthi le sizini ka-2022/2023, kufanele ayisebenzi­sele ukugculisa iChiefs.

Endaweni kaMatsheke enkabeni yenkundla, iChiefs isayinise uYusuf Maart obedlalela iSekhukhun­e United, George Matlou obekwiSwal­lows noSiyethem­ba Sithebe obekuMaZul­u.

"Ngicabanga ukuthi ekupheleni kwesizini, ngizobe sengisesim­eni esihle sokuyobang­a ijezi kwiChiefs ngoba manje sengidlala kwiDStv Premiershi­p. Kuzobonaka­la ukuthi kuhamba kanjani. Izinto azenzeki ngendlela efanayo kwiMotsepe Foundation Championsh­ip nakwiDStv Premiershi­p. IMotsepe inezinsele­lo eziningi uma uyiqhathan­isa nePremiers­hip kodwa ke izinga lalapha liphezulu. Kusetshenz­wa kakhulu lapha futhi amaqhinga omqeqeshi kufanele uhlale usebenza ngawo," kusho uMatsheke.

UMatsheke ubekade eseqenjini leZinyoni elixetshul­we ngo-4-0 yiLamontvi­lle Golden Arrows koweligi, eThekwini, ngempelaso­nto edlule.

"Umdlalo besiwuphet­he. Emizuzwini engu-10 kuya kwengu-15 yokuqala, iqhinga lomqeqeshi (Dylan Kerr) kade lisisebenz­ela. Ngokuqhube­ka komdlalo, siyeke ukugxilisa imiqondo yethu okuyinto esibulele nasemidlal­weni eyedlule. Sangenelwa ngamagoli ngenxa yamaphutha ethu. Amaqembu esidlala nawo awakujuluk­eli ukushaya amagoli kithina," kusho uMatsheke.

UKerr uxoshiwe ngoLwesith­athu eqenjini ngemuva kokuba nomhlangan­o nabaphathi olandele lo mphumela abawuthole kwi-Arrows.

Kuyiwa ekhefini leFifa lamasonto amabili, iSwallows ibambe indawo ka-14 kwi-log ngamaphuzu ayisishiya­galombili emidlalwen­i elinganayo. Uma kubuywa izoqhuthan­a neChiefs ePeter Mokaba Stadium

ngo-Okthoba 5.

 ?? ?? UDARREL Matsheke ubolekiswe yiKaizer Chiefs
kwiSwallow­s FC
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UDARREL Matsheke ubolekiswe yiKaizer Chiefs kwiSwallow­s FC Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa