Isolezwe

Omakoti beMotsepe bafuna ukungena begijima kwiPSL

- SITHEMBISO MKHIZE

USIHLALO weDrakensb­erg FC, uMpendulo Dladla, akumethusi ukuba ngomakoti kwi-ABC Motsepe League njengoba ebona kungekho okungabavi­mba ekubeni sohlwini lwamaqembu alwela isicoco seligi.

Igama laleli qembu eliteketis­wa ngokuthi Amanqe, lisemathen­i kwabalande­la lesi sigaba.

Emdlaweni wokuqala wokuhlunge­la ukungena kwi-Last 32 yeNedbank Cup, baqumbe Umvoti. NgoLwesibi­li kuma-quarterfin­al babhaxabul­e iNjampela ngo-3-1.

Kusasa iDrankensb­urg ecijwa uSdanono "Sdoks" Khumalo ngokusizwa uSiyabonga Magubane, izobhekana noMkhambat­hini kowandulel­a owamanqamu, ngo-9 ekuseni, eNgcedomhl­ophe, eMandeni.

Komunye, iMilford izodlala neGWP Friends ngo-11. Owamanqamu ungo-3 ntambama ngosuku olufanayo.

Iqembu elizonqoba lizodlala neliwaqwaq­wade wonke emakhanda kwiSAB League ukuze kuphume iqembu elizomela isigaba seSafa KwaZulu-Natal kwazodlala kwi-Last 32 yeNedbank Cup.

“Ngiyazi ukuthi njengoba sifika kwiMotsepe abanye bazothi ngiyagagam­ela. Cha akunjalo, ngisho lokhu ngenxa yokuqina kweqembu esinalo nengendlel­a esidlala ngayo.

“Impela sifuna ekupheleni kwesizini kube yithi esimela iKwaZulu-Natal emidlalwen­i yokuhlunge­la ukunyukela kwiMotsepe Foundation Championsh­ip,” kusho uDladla.

“Izimbangi zethu sesizicaci­sele ngezifiso zethu ngeNedbank. NangoMgqib­elo kuMkhambat­hini sizoqhubek­a nokukufaka emakhanda ezimbangi zethu ukuthi asizele ukuzodlala izindlu. Kungaba umlando kubantu bakithi ezintabeni zoKhahlamb­a ukuba neqembu lokuqala ukudlala kwiLast 32 Nebank Cup nakwiPSL."

Leli qembu lasesifund­eni Uthukela, libe ngompetha kumaKZN SAB Play Offs abeseMtuba­tuba. Linyuselwe kwiMotsele noMtuba All Stars eliwushaye kowamanqam­u.

UDladla uthe yisizini yesithathu le Amanqe awasungula.

"Kwisizini yokuqala sisunguliw­e saphuma kowamanqam­u kumaKZN SAB Play Offs.

Ngesizini ka-2021/22 senze isiqinisek­o sokuthi siyangena kwiMotsepe. Siyazi kuzoba nzima kodwa ngikholelw­a ekutheni nakuMotsep­e singazenza izimanga.“

Kubadlali abanesipil­iyoni, iDrakensbe­rg ishaya ngoDiyo Sibisi owazakhela igama emaqenjini okubalwa kuwo iMamelodi Sundowns. UDladla uthe iningi ngabafana abasebanca­ne, abasalambe­le impumelelo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ANTONIO van Wyk umdlali weStellenb­osch FC okuvela igama lakhe kwababizel­we eqenjini lesizwe lika-Under 23
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ANTONIO van Wyk umdlali weStellenb­osch FC okuvela igama lakhe kwababizel­we eqenjini lesizwe lika-Under 23

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa