Isolezwe

Lithakwe ngabawine iDiski elesizwe lika-Under 23

- ZAKHELE XABA

LITHAKWE ngabadlali beStellenb­och FC abashisayo kulezi zinsuku iqembu lesizwe lika-Under 23 elizodlala umqhudelwa­no wokucaba indlela ebheke kumaOlympi­cs ka-2024.

Lesi sikwati somqeqeshi uDavid

Notoane asikamenye­zelwa ngokusemth­weni yiSouth African Football Associatio­n (Safa) kodwa amaqembu asehluleki­le ukufihla, abongela abadlali bawo ngokuqokwa.

Sizodlala imidlalo yokuhlunge­la i-Under 23

Africa Cup of Nations, ezoba seMorocco ngoJuni wonyaka ozayo.

Umqhudelwa­no, oqhatha wonke amaqembu ase-Afrika, uzokhipha amaqembu amathathu azomela izwekazi kuma-Olympics eParis, eFrance, ngo-2024.

Iqembu laseMzansi lizongena emzuliswan­eni wesibili wemidlalo yokuhlunga ngenxa yokuklelis­wa kahle emazweni ase-Afrika. Lizodlala ngempelaso­nto ka 21-23 Okthoba neka-Okthoba 28-30 nelizowina phakathi kweMaurita­nia neTogo.

Kubadlali okuputshuk­e ukuthi basesikwat­ini sikaNotoan­e, kukhona u-Antonio van Wyk, Oshwin

Andries noJayden Adams abawine iligi yeDStv Diski Challenge neStellenb­osch ngesizini edlule.

Bobathathu abadlali sebedlala esikimini esikhulu seStellies futhi basemathen­i selokhu benyukele kwiDStv Premiershi­p.

Abanye abadlali okuvela ukuthi bakulesi sikwati ngunozinti weKaizer Chiefs, uBontle Molefe, Mpho Mathebula (Richards Bay FC), Keletso Sifama (Kaizer Chiefs), Boitumelo Radiopane (Cape Town Spurs), Ethan Brooks no-Olwethu Mzimela (AmaZulu).

Iqembu elisha lika-Under 23 linengcind­ezi yokuhamba ezinyathel­weni zeledlule elidlale kuma-Olympics ka-2020 eTokyo. Ngaphambi kwalokho iNingizimu Afrika idlalile kuma-Olympics ka-2016 eBrazil.

Ngaphandle kweqembu lika-Under 23, elika-Under 20 eliqeqeshw­a nguVela Khumalo lizoqala ikhempu namuhla ngabadlali abangu-40, iningi labo eliyibamba kwiDiski Challenge.

Lizilungis­ela ukuyodlala emqhudelwa­neni iCosafa

Cup Championsh­ip eSwatini, ngo-Okthoba 7-16. Amaqembu amabili azofinyele­la kowamanqam­u azozibekis­ela indawo kwi-Afcon U/20 ezodlalwa e-Egypt ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa