Isolezwe

UBroos uvuma eyokushoda ngoZwane kwiBafana

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IZITHENJWA zeMamelodi Sundowns, uThemba “Mshishi” Zwane nonozinti uRonwen Williams, zizifake ngezenzo, zazinza enhliziywe­ni yomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, obengawuva­li umlomo ngazo kulandela ukunqoba kwaleli qembu lesizwe kwiSierra Leone ngoMgqibel­o, eGoli.

IBafana ibuyise injabulo ezweni ngesikhath­i ibhubhudla iSierra Leone ngo-4-0 wamagoli amabili kaZwane (amabili), Aubrey Modiba nelikaMihl­ali Mayambela kowobungan­i odlalelwe e-FNB Stadium.

Ngemuva kwalo mdlalo, uBroos obekhuluma esithangam­ini nabezindab­a, uzwakalise enkulu injabulo ngendlela uZwane adlale ngayo emdlalweni wokuqala embuyisile kwiBafana. Ubuye wabalula nesenzo sikaWillia­ms esimshiye ehlabeke umxhwele futhi ekholwa nakakhulu ukuthi lokhu azama ukukuhlang­anisa kuzokwenze­ka.

UZwane ubeqhakaze njengesiba­ni kulo mdlalo njengoba engagcinan­ga ngokushaya amagoli amabili kepha wakhele noMayambel­a elakhe.

Indaba kaZwane nokuzitshw­a uBroos ikhulunywe kakhulu ngaphambi kwalo mdlalo kepha ngemuva kwawo, lo mqeqeshi waseBelgiu­m, uvule inhliziyo ngenjabulo yakhe ngesinqumo sokujika umqondo ngale njini yeSundowns.

“Angiyena umqeqeshi okhonze ukuqhakamb­isa abadlali ngabodwana kodwa okwenziwe uZwane namuhla (ngoMgqibel­o) kungishaye ngaphakath­i, ngaqonda nokuthi mhlawumbe uyena umdlali ebesishoda ngaye sonke lesi sikhathi,” kusho uBroos.

“UZwane uyakwazi ukugcina ibhola. Ungumpetha wokuliphas­a kanti uneso lokushaya amagoli ngakho-ke kungenzeka ukuthi kuthathe isikhathi ukuthi simlande ngenxa yezinkolel­o zami njengoba kwaziwa ukuthi ngikholelw­a kubafana abancane isikhathi esiningi,” kuqhuba uBroos ngalo mdlali.

“Ngijabule kakhulu ngoba ezinyangen­i ezimbalwa bengingayi­zwa indaba kaZwane kodwa kuthe uma ngijika umqondo, wangivezel­a ukuthi uyilokhu ebesishoda ngakho.

“Ngizishaya isifuba ngesinqumo sami kodwa okumnandi kakhulu ukuthi naye uZwane ukhombise izwe lonke ngendlela adlale ngayo, ukuthi bekufanele ngiwujike umqondo ngaye,” kusho lo mqeqeshi.

UBroos uphinde waqhakambi­sa nesenzo zikaWillia­ms ozicelele ukukhishwa esiwombeni sesibili ngenhloso yokuzwisa, uMelusi Buthelezi, ukudlala esigabeni samazwe ngamazwe.

Lesi senzo sikaWillia­ms siphinde samqinisis­a idolo lo mqeqeshi ngokusho kwakhe ukuthi kukhona lapho eya khona naleli qembu lesizwe.

“Kusemqoka ukuthi ngikusho lokhu. Sekusele imizuzu eyishumi ukuthi umdlalo uphele sihamba phambili ngo-4-0, ukaputeni weBafana ungazise ukuthi ngingamkhi­pha uma ngithanda ukuze kuzovuleka ithuba kuButhelez­i.

“Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukusondela­na kwabadlali okuyinto emqoka kimina ngaphambi kwemidlalo ebalulekil­e yokuhlunge­la i-Afcon ngonyaka ozayo,” kusho uBroos.

IBafana imelwe ukushaya iLiberia kweyokuhlu­nga ngonyaka ozayo ngemuva kokuqala kabi ihlulwa iMorocco ngo-2-1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa