Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19

UKUZIBUKA esibukweni kuzokutshe­la iqiniso ngomzimba wakho. Uma ubona ukuthi udinga ukushintsh­a indlela obukeka ngayo, leli yithuba elihle lokwenza lokhu.

TAURUS: Apr 20 - May 20

UMQONDO wakho uzokhulule­ka kulesi sikhathi. Uma kukhona ofisa ukukwenza uzoba nenhlanhla kanti umqondo nemizwa yakho kungaseben­zisana futhi uzokwazi nokukhetha kahle phakathi kwezinto ezimbili ozicabanga­yo.

GEMINI: May 21 - Jun 20

INDLELA ongumqeman­e ngayo ngenxa yokuthi unomzimba owondlekil­e kwenza uhlale unomdlandl­a futhi uhlale unamasu amahle angakusebe­nzela. Ikhona nenhlanhla kulezi zinsuku.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

YISIKHATHI sokuba ufunde lukhulu ngezinto ezingaphum­elelisa ikusasa lakho. Kumele ufunde ukonga ukuze ungazisoli kusasa. Yisikhathi sokuba uqale kabusha empilweni yakho futhi uhlelele nengomuso mayelana nezinto osuziqalil­e.

LEO: Jul 23 - Aug 22

UKUTHUTHUK­ISA ibhizinisi lakho kungakusiz­a kakhulu njengamanj­e. Izindaba zakho zezezimali zingakuham­bela nazo futhi. Ungase uthole amathuba amahle ngakho kumele ukhethe kahle.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

EZOKUNGCEB­ELEKA nobudlelwa­no bakho nabantu abathize kuzohamba kahle. Abantu oxhumene nabo ningenza izinto eziletha inqubekela phambili nezingakuj­abulisa.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

USUKU lokuba uvuselele ukuxhumana kwakho nomoya ongcwele ngokuba uzibopheze­le emkhulekwe­ni. Ngokuzinik­ela kwakho ungazizwa ungumqeman­e futhi uvikelekil­e.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

UKUPHUMELE­LA kusemome empilweni yakho. Uzogqama emphakathi­ni ngenxa yokuzimise­la kwakho nokubamba kwakho iqhaza ezintweni ezinenqube­kela phambili.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 20

UZOKWENZA izivumelwa­no ezingase zikunike umvuzo othe xaxa njengamanj­e. Uzokwazi nokonga imali. Yisikhathi sokuba uphumelele ngokuba usebenzise ikhono lakho, futhi uzothola udumo nokwaziwa ngalesi sikhathi.

CAPRICORN: Dec 21 - Jan 19

NIKA umqondo wakho isikhathi ukuze uzithuthuk­ise. Kulula ukuphumele­la uma uzohlala uzibeke phansi kodwa futhi uma uzosebenzi­sa izindlela ezilula ngeke waphumelel­a. Gxila ekutholeni ulwazi uma ufuna ukuphumele­la.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

UNGAZITHOL­A usuphumile ezintweni ezibhekene nawe ngoba usiza isihlobo noma umngani oxakekile. Kodwa yenza isiqinisek­o sokuba usizo obanikeza lona bayaluthak­asela.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

YITHUBA lakho lokuphumel­ela, ngakho kumele uzame inhlanhla, usebenze nangokuzet­hemba. Kuthiwa kubamba ezingelayo kanti nembila yaswela umsila ngokuyalez­a.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU: Ngo-2005, umshayeli wesithuthu­thu wabanjawa ehamba ngejubane eliphuzulu ngokuyisim­anga, lingu284km/h ngezikhath­i zasekuseni epitoli, kur59 e-ekurhuleni. Lo mshayeli wathi ubejahe ukodla isidlo sasekuseni, wabekwa icala lokushayel­a budedengu kodwa wabuye wadedelwa ngebheyili yar1 000.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala unatasha Sutherland (osesithomb­eni) ongumlingi­si wakuleli olingisa indawo kalayla Mckenzie kwi-scandal esidlala kwi-etv. Wazalewla ethekwini, ngo-1970.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa