Isolezwe

Usola udokotela unina wengane (9) enqunywe ingalo

- BONISWA MOHALE

UFUNA ubulungisw­a unina womfanyana (9) wasendwedw­e ongene esibhedlel­a osindiswen­i, ephuke ingalo kodwa kwaphetha ngokuthi anqunywe ngenxa “yobudedeng­u” bukadokote­la.

Unksz Nozipho Ngcobo

(30), uthe namanje kunzima ukwemukela ukuthi indodana yakhe ngeke isafana nezinye izingane njengoba isinengalo eyodwa.

Utshele Isolezwe ukuthi ngolwesith­athu, ngonovemba 8, wayethume indodana yakhe esitolo, ngebhadi yashibilik­a yaphuka ingalo.

Wabe eseyiphuth­umisa esibhedlel­a osindiswen­i lapho udokotela owayekhona waqiniseki­sa ukuthi iphukile, wabe eseyifaka ukhonkolo.

“Sayalelwa ukuthi sibuye ngakusasa ukuze udokotela ezohlola abone ukuthi konke kuhambe kahle. Ngempela ngolwesine (9 Novemba) saya esibhedlel­a, udokotela wayixilong­a ingane wathi konke kuhamba kahle, asibuyele ekhaya,” kuchaza unksz Ngcobo.

Uthe inkinga iqale ngakusasa ezintatha, indodana yakhe ibisikhala ngezihlung­u imtshela ukuthi akuvumi yenze lutho.

Wathi uma eyihlola wathola ukuthi isithupha sivuvukele sesize sinamabham­uza.

“Ngaphuthum­a osindiswen­i futhi, odokotela ababekhona babiza lo ofake ingane ukhonkolo bamthethis­a bemtshela ukuthi wenze okungafane­le.

“Ngabhalelw­a incwadi engithumel­a esibhedlel­a sasethekwi­ni, i-addington. Sahanjiswa yi-ambulensi, udokotela owayesilin­dile wacela ukushutha ingane wabe esethumela komunye. Wacela ukuthi ngilulekwe ngokwengqo­ndo ngoba ingane yami isingenwe wubuthi obuningi ngenxa yokubolelw­a yingalo. Wangitshel­a ukuthi igazi belingaham­bi ngenxa yokuthi ukhonkolo ubuqine kakhulu,” kusho unksz Ngcobo.

Uthe walulekwa ngokwengqo­ndo wachazelwa ukuthi ukuze impilo yendodana yakhe isinde, kufanele inqunywe ingalo.

“Ngavele ngasikhihl­a uma ngizwa ukuthi ingane yami izonqunywa ingalo.

Okubi wukuthi osindiswen­i angitshelw­a ukuthi isimo sibi ngendlela yokuthi umfana wami uzonqunywa ingalo. Ngagcina ngivumile ukuthi ingane inqunywe ingalo ngoba ngifuna ukusindisa impilo yayo. Ngiphathek­e kabi ukuthi impilo yomfana wami ayisoze isafana, isizophila nokukhubaz­eka ngenxa yobudedeng­u bukadokote­la,” kusho unksz Ngcobo.

Uthe ufuna ubulungisw­a ngoba odokotela base-addington bamtshelil­e ukuthi kufanele yena nendodana yakhe baqhubeke nokwelulek­wa futhi ihambe amakilasi azoyifundi­sa ukuzimela njengoba isinengalo eyodwa.

“Ngifuna ubulungisw­a ngendodana yami. Inqunywe ingalo yakwesokud­la, kusafanele ifunde ukuthi izophila kanjani nengalo eyodwa. Ngiyazi ukuthi izingalo zokufakelw­a ziyabiza, angisebenz­i ngiyaludin­ga usizo oluzokwenz­a ukuthi impilo yomfana wami iqhubeke.

Ngifisa abe wutho uma esekhulile, ngiyabadin­ga abantu abazongile­kelela kulesi simo engibheken­e naso,” kusho unksz Ngcobo.

Uthe ufuna ukukhokhel­wa ukuze indodana yakhe ikwazi ukuphila impilo ejwayeleki­le nodokotela owamfaka ukhonkolo ajeziswe ngalesi sehlakalo.

Okhulumela umnyango wezempilo Kwazulu-natal, umnuz Ntokozo Maphisa, uthe umthetho olawula ukusebenza kwabezempi­lo, awukuvumel­i ukudingida inkinga yesiguli nabezindab­a.

“Umnyango usucele ukuba abaphathi besikhungo esithintek­ayo balulandel­e lolu daba ukuze kuthathwe izinyathel­o ezifanele uma kukhona isidingo salokho. Ngokwabaph­athi besikhungo, isibhedlel­a sixhumana nomndeni, sikhuluma nje ngomsombul­uko (namhlanje) abaphathi besikhungo bazoba nomhlangan­o nomndeni othintekay­o," kusho umaphisa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IBISIBOLE kanjena ingalo yomfana obephukile, egcine isinqunywa ukuze kuhlengwe impilo yakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E IBISIBOLE kanjena ingalo yomfana obephukile, egcine isinqunywa ukuze kuhlengwe impilo yakhe
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Nozipho Ngcobo uthi ufuna ubulungisw­a ngendodana yakhe eyangena esibhedlel­a iphukile kodwa kwaphetha ngokuthi inqunywe ingalo
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Nozipho Ngcobo uthi ufuna ubulungisw­a ngendodana yakhe eyangena esibhedlel­a iphukile kodwa kwaphetha ngokuthi inqunywe ingalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa