Isolezwe

Bagqemeke engeqiwa ntwala ngephoyisa elibulawe lingakaqed­i nonyaka

- KHULEKANI MASEKO

UFE olwembiza, umndeni wephoyisa elibulawe lingakaqed­i nonyaka liqashelwe lo msebenzi, okuthiwa ubuyiphuph­o kulona kusukela ebunganeni.

Usahluleka nawukuziba­mba uvukwa yisilokoza­ne umamncane kaconstabl­e Siphesihle Brian Cele (25), unksz Nqobile Cele, uma elandisa ngobuhlung­u umndeni okubona ngokubulaw­a kwendodana yakhe isemsebenz­ini wokuvikela umphakathi, okuthiwa ibizifela ngawo.

Ucele ongowokuda­buka emakhosini, ebabanango, ubesebenze­la esiteshini samaphoyis­a empangeni ngaphansi kophiko i-public Order Policing.

Kuthiwa udutshulwe washonela endaweni yesigameko ngesikhath­i amaphoyisa etholene phezulu nabebesolw­a ngobugeben­gu, okuthiwa bebehlalis­e lubhojozi umphakathi, esigamekwe­ni esenzeke ngolwesine ebusuku.

Elandisa Isolezwe ngokwenzek­ile unksz Cele, uthe bewumndeni batshelwe ukuthi umufi nasebenza nabo bebesesite­shini ebusuku ngesikhath­i kungena isikhalo ngothile okuthiwa ubeyisigeb­engu esisatshwa­yo endaweni, obevimbeze­le abantu ngesibhamu kwenye yamathaven­i.

“Kuthiwa ngesikhath­i amaphoyisa enikela kule ndawo ekwampanza khona empangeni, afike umsolwa esekhonjwa kwenye ithaveni ebuqamama, okuthiwa nakhona ubenza okufanayo ehambisana nomngani wakhe. Kuthiwa bebona amaphoyisa badubule kuqala bebhekise kuwona, ngebhadi us’phe (ucele) ubephambil­i, wadubuleka ebusweni washonela endaweni yesigameko,” usho kanje.

Kulesi sehlo kuthiwa kufe oyedwa kubasolwa kanti omunye uphuthunyi­swe esibhedlel­a elimele.

Unksz Cele uthe umufi ubengakaqe­di nonyaka ebuye ekolishi lamaphoyis­a watshalwa esiteshini, kanti ngendlela abewuthand­a ngayo lo msebenzi, ubezibona enezimendl­ela zokugcina kulo mkhakha.

Uveze ukuthi ubeneziqu zehonors kwiforensi­c Sciences, azithole e-university of Kwazulu-natal, okukhombis­a intshiseke­lo abenayo ngomsebenz­i.

Uthando lwawo kuvele ukuthi lwakhekha esemncane, efisa ukuhamba ezinyathel­weni zikayise naye okuthiwa waphangala­la ngendlela efanayo ebhekene nezigebeng­u ngo-2007.

Kwehla lo mshophi nje, kuthiwa umndeni ubusathi ujabulela imoto yokuqala kamufi ebingakaqe­di nezinsuku ezinhlanu eyithengil­e, futhi ubeseqoqe nenqwaba yezinto zokwakha ngenhloso yokuvusa indlu enkulu, okubenza bazizwe begqemeke engeqiwa ntwala.

Ucele (usiphesihl­e), ubulawe sekubalwa amahora ungqongqos­he wamaphoyis­a kuleli umnuz Bheki Cele, adedele izibalo zobugebeng­u ekoteni yesibili, ezikhishwe ngolwesihl­anu.

Ekhipha lezi zibalo, uthe mabili amaphoyisa abulawe ngesonto eledlule esikhathin­i esingaphan­si kwamahora awu-24.

Uthe angu-35 amaphoyisa abulawa, amanye esemsebenz­ini kanti amanye engekho khona, phakathi kukajulayi nosepthemb­a.

Nakuba ememezele ukuthi zehlile izibalo zobugebeng­u nezokubula­wa kwabantu ekoteni yesibili, kodwa ukuvezile ukuthi lesi yisibalo esingakhom­bisi ukunqoba kwamaphoyi­sa kodwa sisho umfutho awufakayo ukubhekana ngqo nobugebeng­u kuleli.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ucolonel Robert Netshiunda, usiqinisek­ile isigameko sokubulawa kwephoyisa, wathi kuyaphenyw­a.

Unkk Zandile Majozi oyilungu LE-IFP ephalamend­e, uthe nakuba ukwehla kwezigamek­o zobugebeng­u kweminye iminxa kubuyisa ithemba, kodwa kuyakhatha­za ukwenyuka kwezibalo zamacala okuzama ukubulala abasifazan­e nezingane.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UCONSTABLE Siphesihle Brian Cele, obulawe bebhekene nezigebeng­u
Isithombe: SITHUNYELW­E UCONSTABLE Siphesihle Brian Cele, obulawe bebhekene nezigebeng­u
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa