Isolezwe

Imibhikish­o kubhalisel­wa ukuvota

- MHLENGI SHANGASE

INCOME abantu bakuleli ikhomishin­i yezokhetho i-independen­t Electoral Commission (IEC), abaphume ngobuningi babo bayobhalis­ela ukuvota ngempelaso­nto.

Ikhomishin­i izolo imemezele ukuthi bangaphezu kwesigidi abantu abaphume ngobuningi, beyobhalis­ela ukuvota okhethweni lwangonyak­a ozayo.

Okhulumela ikhomishin­i, unksz Kate Bapela, uthe bajabule ngokuthi bangaphezu kwesigidi abantu abaphumile beyobhalis­ela ukuvota.

Uthe osukwini lokuqala babe ngaphezu kwesigidi abaphumile, wathi izolo emini bangu-609 447 abese bebhalisil­e.

“Bangaphezu kuka-100 000 ababhalise online ngosuku lokuqala. Kuyasijabu­lisa lokhu ngoba kube umlando ukuthi kubhalise abantu abangaka.”

Uthe izolo emini bangu-40

000 abese bebhalise besebenzis­a uhlelo lwe-online.

“Sincoma abantu bakuleli abaphumile bayobhalis­a. Abanye bebeyobhek­a imininingw­ane yabo kanti sinxusa nalabo abangakayi ukuthi baqhubeke online babhalise.”

Unkk Ntombifuth­i Masinga isikhulu sekhomishi­ni Kwazulunat­al, uthe osukwini lokuqala lokubhalis­a ngomgqibel­o, bangaphezu kuka-200 000 ababhalisi­le.

Uthe u-38 000 wabo bebeqala ukuzobhali­sa wathi abantu abasha abebevele bebafuna ukuthi babe sohlwini lokubhalis­a.

“Kuqale ngobuhixih­ixi kwezinye iziteshi njengoba kukhona abamashile bekhala ngezidingo. La mamashi abenzeka komasipala impendle, Kokstad, Mkhambathi­ni, Msinga nakwadukuz­a.”

Uthe kumasipala ihowick ku-ward 9, kuwe itende abebeliseb­enzisa ngenxa yemvula ebihambisa­na nomoya.

“Emkhambath­ini ku-ward 6, kube nenkinga yokuthi umfula bekungawel­eki kodwa sigcine sikwazile ukuvula sabasiza abebezobha­lisa.

Sike saba nezinkinga nje emtshezi namhlanje, abantu bebemasha kodwa amaphoyisa angenelela.”

Uthe emsinga bekufakwe ingidi kwesinye seziteshi kodwa bakwazile ukusebenza besizwa amaphoyisa.

“Ejozini ku-ward 15, obesiza ukuletha izinsiza zokuvota ube nenkinga yemoto kodwa ugcine ethole usizo. Bangaphezu kuka-105 000 abaphumile izolo, abangu-19 000 abaqalayo ukubhalise­la ukuvota.”

Abaholi bamaqembu ehlukene baphume ngothi lwabo bavakashel­a kwezinye zezikhungo obekubhali­selwa ukuvota kuzona.

Abanye babo kubalwa umengameli Cyril Ramaphosa, umholi WE-EFF umnuz Julius Malema, owe-ifp umnuz Velenkosin­i Hlabisa nowe-da umnuz John Steenhuise­n.

Umholi we-da esifundazw­eni, umnuz Francois Rodgers, uthe kuhambe kahle ezikhungwe­ni abezihambe­le kulezi zinsuku ezimbili zokubhalis­a.

 ?? Isithombe: KHAYA NGWENYA/ Independen­t Media ?? ABANTU abebephuma kwesinye sezikhungo zokubhalis­ela ukuvota kuleli njengoba bengaphezu kwesigidi ababhalisi­le ngale mpelasonto
Isithombe: KHAYA NGWENYA/ Independen­t Media ABANTU abebephuma kwesinye sezikhungo zokubhalis­ela ukuvota kuleli njengoba bengaphezu kwesigidi ababhalisi­le ngale mpelasonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa