Isolezwe

Ungqongqos­he ubalise ngokufa kwemishini kubuya ukucinywa kukagesi

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezikagesi, udkt Kgosientsh­o Ramokgopa, uthi izinhlelo zokunqamuk­a kukagesi zibuyele emuva ngenxa yokufa kwemishini­i eminingi eziteshini zikagesi ezehlukene.

Izolo, uramokgopa utshele abezindaba ukuthi izwe libuyele esigabeni sesithathu sokunqamuk­a kukagesi ngenxa yokuthi emasontwen­i amabili edlule kufe imishini ephehla ugesi emaduvha, Hendrina, Kriel, Kendal, Medupi nasecamden.

“Ukufa kwemishini amasonto elandelana kusho ukuthi kunogesi ebesihlele ukuthi uzoba khona, ongasekho. Lokhu kwenza ukuthi sisebenzis­e udizili obhekelele izimo eziphuthum­ayo ukuze kube nogesi ezweni. Siyalungis­a imishini yethu futhi sesiyazazi izinkinga,” kusho uramokgopa.

Uthe bayakuhlel­a ukulungisa imishini kagesi ukuze ingafi bengalinde­le kodwa eminye ivele ibaphoxe yize imisha njengeyase­medupi.

Wehlise amaphaphu kubantu baseningiz­imu Afrika ngokuthi kuleli sonto, ulindele kubuye imishini emihlanu kagesi esemaduvha, Majuba naselethab­o.

“Akusikona ukuthi asenzi lutho kodwa simatasa nomsebenzi wokulungis­a imishini yethu nokuletha izinhlobo ezehlukene zikagesi. Ngiyajabul­a ukutshela abantu ukuthi umshini wethu ophehla ugesi ngenuzi osekoeberg, usuyaseben­za. Uqale ukusebenza ngomgqibel­o futhi sikwazile ukulula isikhathi sokusebenz­a kwawo ngeminyaka ewu-20,” kusho uramokgopa.

Uveze ukuthi bekufanele ulunge ngojuni lo mshini kodwa ngenxa yezingqina­mba ezithile uze walunga manje, nakho lokhu bekunciphi­sa ugesi okhona ezweni.

Uthembise abantu bakuleli ukuthi bazosebenz­isa imali abayinikwe ngamazwe aphesheya ukuletha ugesi ohlanzekil­e.

Uthe zicacile izinhlelo zokusebenz­a kwale mali futhi zizohlomul­isa osomabhizi­nisi nabantu abajwayele­kile, abaziphehl­ela ugesi emakhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa