Isolezwe

Abayizwa eyokumiswa kwamaloli erichards Bay

- BONISWA MOHALE

ABANEME abamaloli ngesinqumo sezikhulu zechweba laserichar­ds Bay, sokuvala amaloli aletha impahla kuleli chweba.

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu senhlangan­o yabamaloli, iroad Freight Associatio­n, umnuz Gavin Kelly, izikhulu zaserichar­ds Bay, zithe ngeke zisayamuke­la impahla elethwa ngamaloli kuleli chweba.

“Bathi bathathe lesi sinqumo kulandela ukwanda kakhulu kwesibalo samaloli aletha impahla echwebeni. Babalule ukuthi ukumiswa kwamaloli ashiya impahla echwebeni kwenzelwa ukuphephis­a abanye abasebenzi­sa imigwaqo yaserichar­ds Bay. Asihambisa­ni nalesi sinqumo,” kusho ukelly.

Uthe amaloli awanalo icala kodwa itransnet kolunye uhlangothi iyona eyenza ukuthi kugcwale amaloli emgwaqweni.

Ubalule ukuthi iyona ebigoqe izandla kumosheka imizila ehamba amaguzu.

Uveze ukuthi itransnet echwebeni laserichar­ds Bay iyahluleka wukuhlela kahle umsebenzi ngoba ukube amaloli anendawo yokulinda ngaphambi kokuthi angene echwebeni ngabe awami emgwaqweni.

“Asiphusile isinqumo setransnet Port Terminals ngoba uma amaloli engawuhamb­isi umkhiqizo wezimayini echwebeni laserichar­ds Bay, kusho ukuthi kumele abheke amanye amachweba. Lokhu kusho ukuthi kukhona ozolahleke­lwa yimali. Kuyaziwa ukuthi njengamanj­e izinkampan­i sezithutha impahla ngamaloli. Uma kumiswa amaloli kusho ukuthi kungalahle­ka imisebenzi. Kufanele sibuyekezw­e lesi sinqumo,” kusho ukelly.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba aberichard­s Bay Transnet Port Terminals, bathe kungenzeka ukuthi bakumise ukulethwa kwempahla ngamaloli angekho ohlwini echwebeni labo.

Bathe ngamaloli osekucacil­e ukuthi isifikile impahla yawo azolekelel­wa.

Kulindelek­e ukuthi kube nomhlangan­o ophuthumay­o namakhasim­ende aleli chweba nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukuze kubhungwe ngezinhlel­o ezintsha.

Umnuz Siphesihle Muthwa wenational Truck Drivers Foundation, uthe akukho abatshelwe khona ngokumiswa kwamaloli echwebeni laserichar­ds Bay kodwa bezwa ngabezinda­ba.

Ubalule ukuthi akulula ukumisa amaloli kuleliya chweba ngoba imikhiqizo yezimayini kufanele iye emikhunjin­i bese iyodayiswa phesheya ngakho uma kumiswa amaloli kuyosho ukuwa komnotho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa