Isolezwe

Kuzomele awepolitik­i abhukule ekunxenxen­i intsha edube ukuvota

-

IMPELASONT­O esiphuma kuyo beyibalule­kile njengoba bekubhalis­elwa ukuvota okhethweni lwangonyak­a ozayo. Yize bebekhona abebemagan­ge ngokuqinis­ekisa ukuthi amagama abo ayavela ohleni lwabazovot­a, kepha kukhona abebengena­ndaba. Izizathu zalokhu zehlukene. Okugqama kakhulu okwenza abantu bangabi nantshisek­elo yizinkinga ezikhunget­he izwe.

Iningi ebelingayi­hhoyi eyokubhali­sela ukuvota beliveza ukuthi kalisiboni isidingo ngoba kalisebenz­i nezidingon­gqangi ziyagqoza. Kuvele nezizathu ezinjengez­inga eliphezulu lobugebeng­u, ukuntuleka kwamanzi nogesi, inkohlakal­o kuhulumeni nokunye.

Lokhu kubeke ngokusobal­a ukuthi abantu balahlekel­we yithemba ngohulumen­i. Sibona lokhu kuphonsela inselelo amaqembu ezepolitik­i ukuba asebenze kanzima ukujika imiqondo yabantu.

Nekhomishi­ni yezokhetho imelwe wukufundis­a abantu ngokubalul­eka kokuvota. Kumele abantu bafundiswe ukuthi ukuhlala bengavoti ngeke kusiguqule isimo. Izinto zingashint­sha kuphela nxa bevota, hhayi ngokuduba. Izinto ngeke zishintshe ngosuku olulodwa, kepha izwi lawo wonke umuntu libaluleki­le ukuze kuphile intando yabantu ezweni.

Ngokweziba­lo baningi abantu besifazane ababhalise­le ukuvota. Imbokodo ingu-55.3% (14

638 074 bese kuthi abesilisa babe ngu-44.7% (11 830 032).

Abantu abasha abaneminya­ka eng-18 kuya ku-19 yibo abanezibal­o ezincane kwababhali­sile. Bahlulwa ngisho nayizaguga ezineminya­ka engu80 kuya phezulu. Lezi zibalo zikhomba lapho kufanele kugxilwe khona nxa kufundiswa abantu ngobumqoka bokuvota.

Ngokwezifu­ndazwe, igauteng isahamba phambili ngababhali­sele ukuvota abangu-6.1 million. Ilandelwa ikwazulu-natal ngabangu-5.4 million.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa