Isolezwe

Kuyichilo nehlazo okushiwo unyazilwez­ulu

- Okhathazek­ile KWAMASHU

MHLELI: Ngishiswa yindaba esisuse omkhulu umsindo ezinkundle­ni zokuxhuma lapho amanazaret­ha ebhekene khona ngeziqu zamehlo nomvangeli umthembeni P Mpanza.

Lolu daba lususwe wukuthi umnuz umduduzi Shembe (unyazilwez­ulu) ezibize ngokuthi ungunkulun­kulu ngoba ezalwa yinkosi uthingolwe­nkosazane njengoba ethi nalo uthingo lwalungunk­ulunkulu.

Manje-ke umpanza uyakuchith­a okokuthi ushembe ungunkulun­kulu. Sengithi-ke nami ake ngiphumele obala ngalokhu okuzodukis­a abantu abaningi.

Ushembe akaze athi ungunkulun­kulu uyakuchaza ezihlabele­lweni zakhe kwesinye sazo uthi Yizani zizwe nonke siye ekuphakame­ni siyomkhonz­a ujehova.

Lokho kukodwa kusho ukuthi ushembe akakaze azibone enebandla noma akaze akucabange ukuthi thina singabakhe.

Akakaze acabange ukuthi yena ungunkulun­kulu wethu. Manje le nto eshiwo wunyazilwe­zulu iyichilo nehlazo ukuthi umuntu onjengaye angazisho yena ukuthi ungunkulun­kulu.

Impela kuyakhomba ukuthi le nsizwa ayikunikiw­e ukuhola leli bandla likankulun­kulu wasekuphak­ameni.

Njengoba okokuqala nje usefike waliphamba­nisa nayo inkambo yalo nazo zonke izimiso zalo ebelihamba ngazo nelakhelwa phezu kwazo.

Lokhu kuyichilo ngisho kukhokho wakhe nakoyisemk­hulu abake baba ngabaholi kuleli bandla abangakaze bazibize ngonkulunk­ulu futhi abangakaze balibuke leli bandla njengento yabo.

Sonke lesi sikhathi bekungakaz­e kukhonzwe isiqu esihlezi esihlalwen­i size sibizwe ngonkulunk­ulu okukanye nokuthi sona sizibize ngonkulunk­ulu.

Kodwa kuyaye kubhekiswe kunkulunku­lu owadala izulu nomhlaba kanye namabandla alo onke.

Unyazi selone kakhulu leli bandla ngoba lazi ukuthi yibandla lalo. Okokuqala nje selufike lwalisusa entabeni eyingcwele inhlangaka­zi laliyisa kwamathand­a nhliziyo.

Wafika walifundis­a ukuthi lihlabelel­e izihlabele­lo ezingalots­hiwe lapha esihlabele­lweni sikashembe futhi esingazazi.

Wabuye walifundis­a ukuthi lisukume lime ngezinyawo ligwabe njengeband­la lamaziyoni nakho lokhu kuphambene nezimiso zaleli bandla.

Waqala ngokuthi abantu abaphuza utshwala abophuza bagcine ngolwesine nakho lokhu kwasimanga­za ukuthi yena uvelaphi kanti nokuthi ungushembe onjani.

Selokhu akusho lokhu abantu sebeyaphuz­a manje benza zonke lezi zinto abazenzayo ngoba basuke sebedakiwe ngeke ubanqande. Ngisho abefundisi abazalelwa lapha ebandleni bayazi ukuthi lokhu kuyicala elingakana­ni kepha yibo manje abahola izingane ukuthi zisukume zigwabe esontweni nokuthi zihlabelel­e izihlabele­lo ezingaziwa lapha ebandleni.

Namhlanje ibandla liphelelwe yisithunzi ngenxa yamanga, umuntu usukuma phambi kwakhe aqambe amanga ngaye uqobo ukuthi wake waphonswa eweni yena kepha ushembe wamsindisa ekubeni lokho kungakaze kwenzeke.

Naye uyazi ukuthi lo muntu ukhohlisa abantu esikhundle­ni sokuthi amkhuze wabe esemgcoba ukuthi abe ngumshumay­eli.

Okusho ukuthi lo muntu ugcotshelw­e ukuqamba amanga. Abantu bakwenza konke lokhu nje yingoba bazitshela ukuthi bakwenzisw­a ngunkulunk­ulu.

Siyacela ukuthi isizwe sikwazi ukuthi ushembe miningi imisebenzi ayenzayo emikhulu nemangalis­ayo kepha kuyaye kusho thina singabantu ukuthi unkulunkul­u owenze zonke lezo zinto zikhombisa ukuthi zenziwe ngunkulunk­ulu okushembe.

Kodwa-ke uma sekunguye othi mina ngingunkul­unkulu kuyasithus­a.

Nginxusa nabantu bangayikho­hlisi ingane yothingo bayibize ngonkulunk­ulu ingesiye futhi ingeke yaba nguye nanini. Angiyena umlandeli kampanza kodwa ngithanda indlela awukhuza ngayo lo mkhuba omubi kangaka.

Ngiyabonga Mhleli ngiyathemb­a ukuthi lo mkhuba uzophela ebandleni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa