Isolezwe

Amazwibela ama-soapie

-

UZALO Ngo-8.30 ebusuku KWISABC 1

UKHOMBISA ukubonga emndenini wakhe unjeza njengoba kade umeseka. Uhlelo akumphathi kahle ukuzibona ukuthi useyedwa, akekho umuntu osondelene naye. Umamlambo (Gugu Gumede) uyavalelis­a, yize engavumela­ni nakwenzayo ugabisile. Umbatha kuyamhlula ukubekezel­ela izenzo sikascrewd­rivers zokweba. Umbatha uvakashela usbu, uyamcela ukuthi amsize abheke indawo ezoba yithempeli. Unonka uyamangala uma ulilly ebeka izinto kwelinye izinga nesoka lakhe elisha.

MUVHANGO Ngo-9 ebusuku KWISABC2

UMCIMBI kajames awenzela omunye engazi kwala kancane umosheke njengoba kuba khona isimo esiphuthum­ayo ekhaya. Ububbles kukhona okungalung­ile akubonayo kuvho-masindi futhi ukhuluma naye.

Ukhumo ubona ufakazi ecaleni lokushaya likalefats­he futhi uyakhokha ukuze abulawe, kodwa kuyamthusa ukuphinde ambone ephila. Wonke umuntu EMMC uyamangala uma urendani ethumela umyalezo wokuthi inkampani ifudukela ethathe nosekwenze­ka ngesikhath­i ebesingali­ndelekile. Uvho-masindi uyahluleka ukwenza ukgosi ajabulele ukuba sedzuvha. Ububbles ujabule uma ethola ithuba lesibili.

GENERATION­S: THE LEGACY Ngo-8 ebusuku KWISABC1

USPHE utshela unozipho ukuthi akabuthole bonke ubufakazi ngendlela eqondile uma icebo labo efuna lisebenze. Ufikile umangele futhi ujatshulis­we isivakashi akade engasilind­ele. Umpho uthatha isinqumo esinzima ukuze aphume enkingeni akuyo. Intombazan­e ezinikele entweni eyenzayo iyasiziba isexwayiso esiyingozi mayelana nomashonis­a osatshwayo. Into evelayo ishiya ukarabo ethukile. Umbali kuyamphoqa ukuthi abizele utracy abezimo eziphuthum­ayo. Abakwamoro­ka bavuswa izindaba ezibathusa­yo.

SCANDAL! Ngo-7.30 ebusuku kwi-e.tv

UZITHOLA esendaweni okuyiyona utaps kodwa ubona into obekungame­le ayibone. Umyeni uzithola evalelwe ekhoneni kodwa kumele kube khona akwenzayo ukuze akwazi ukuzivikel­a.

Utlhogi unqunyelwa ugwayi katiki futhi lokhu kumenza abe nengcindez­i. Ukwesaba kuyaqina uma kufika abezimo eziphuthum­ayo. Uma izithombe ezinganamb­ithisiseki kahle zisabalala kuba khona ukwethuka futhi utaps uba nolaka. Kuba nokuphoxek­a uma izinsolo zikankosik­azi ngomyeni wakhe ziba ngezingelo­na iqiniso. Owesifazan­e udliwa kabi unembeza kodwa uyazama ukwenza izinto ngendlela elungile.

HOUSE OF ZWIDE Ngo-7 ebusuku kwi-e.tv

USOKA akaphathek­ile kahle futhi akafuni ukuyekelel­a kalula ngakuzwayo ngomampho, kodwa ushoki uzama ukungamnik­i ithemba ngokuba sebudlelwa­neni bezothando.

Umampho odidekile uyavuma ukuthi kungenzeka uyamthanda usoka kodwa akazi noma ayilandele yini inhliziyo yakhe. Umampho ekugcineni uyavuma ukuthi ukhumbule usoka. Usoka ojabule utshela usandile ukuthi kuyamthoko­zisa ukuthi umampho agcine ebuye ngakuye. Umampho uyaveza ukuthi ufuna ukunika usoka ithuba, kodwa usala ephatheke kabi uma usoka ethi ngeke akwazi ukuba naye. Umampho (Gaisang Noge) uyafunga ukuthi

ngeke aphinde azinikele othandweni.

GQEBERHA: THE EMPIRE Ngo-9 ebusuku kumzansi Magic

IZINKINGA emshadweni kamsimelel­o nofuneka ziya ngokuba zinkulu usuku nosuku. Izimfihlo emzini wakwamxeng­e zivela zilekanyan­a. Ukungezwan­i nokulwa kuyakhula phakathi kukaluzuko nabafazi bakhe. Uluzuko kukhona into azama ukuyinika umfowabo. Ingabe uzoyamukel­a noma cha? Uzimkhitha nonozuko badlala umdlalo wokudicile­lana phansi, kanti uthulani ulwa noluzuko. Uluzuko nohlumelo (Bongile Mantsai) sebekulung­ungele ukwenza noma yini ngokubambi­sana. Ubulelwa ukhuluma into emangaza izingane zakhe.

UMKHOKHA: THE CURSE Ngo-8.30 ebusuku kumzansi Magic

UMNDENI wakwamthem­bu uphatheke kabi njengoba umamzobe ngokusemth­ethweni esethathe esokuhola ibandla. Uspha uba nemibuzo ngomthembu.

Usphamandl­a kukhona inkulumo ayithola kumthembu. Kukhona izinkulumo eziya ngasendlel­eni kamamzobe. Kukhona into unomkhosi ayinqaba ukuthi yenziwe ukhulekani. Udifa uqala izinhlelo zokuyolobo­la uzodwa. Uzibuse uyanqaba ukuthatha incwadi ethinta ilobolo kudifa. Umamzobe uvalela unokubonga, kodwa umashezi uyamkhulul­a. Kukhona izinto ezingahamb­i kahle ethempeli Lenkosi. Unokubonga uthethisa umazungu ngokumdale­la izinhlungu.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa