Isolezwe

Kukhuzwe isihlava sokuhlukum­eza kudodisana amadoda

- KHULEKANI MASEKO

Kaziqhelel­anise UGQUGQUZEL­WE amadoda ukuthi

nezigameko zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane. Lokhu kugqanyisw­e emcimbini wawo wokucobele­lana ngolwazi, i-amatyma Internatio­nal Men’s Day obuseplati­num Belt Lounge, emhlanga, ngomgqibel­o.

Umsunguli wombuthano ongusomabh­izinisi UTT Mbha, ukhuthaze amadoda ukuthi azibopheze­le ekulweni nalesi sihlava.

“Ngifuna nisayine usomqulu wokuziboph­ezela ekulweni nalesi sihlava obizwa ngokuthi Amatyma Pledge. Sidinga kusayine amadoda angu-10 000 okuzothi uma sekuhlange­ne lesi sibalo, ngiwudluli­sele kumengamel­i Cyril Ramaphosa, ngiveze ukuthi nakhu enikushoyo njengamado­da.”

Uthe basebenzis­a nenkampani ephisa utshwala kuleli i-south African Breweries (SAB), kwazise abakwacarl­ing Black Label banomkhank­aso ofanayo obizwa nge-#no Excuse, olwa nalolu dlame.

Umnuz Nkanyiso Mncwabe oyi-regional Commercial

Director kwa-sab, uthe okuvezwa wucwaningo ukuthi emva kwemizuzwa­na ewu-63, kunowesifa­zane oseshaywe ngowesilis­a.

“Singabantu abadiniwe ngenxa yokuxakeka nangenxa yesimo sezezimali. Kuholela ekutheni abe maningi amadoda azibulalay­o ngenxa yengcindez­i. Mkhulu umsindo okhona ngezigamek­o ezenzeka uma umuntu esephuzile. Singaba nezimpendu­lo ekutheni abushintsh­i umqondo womuntu futhi abusho ukuthi umuntu uma esephuzile akahlukeme­ze. Kodwa yiqiniso ukuthi izigameko eziningi zokuhlukum­eza zenzeka kunotshwal­a phakathi. Yingakho abakwa-carling Black Label beqhuba umkhankaso kwazise wubhiya isikhathi esiningi ophuzwa amadoda.”

Uphilani Duma oyimenenja kwa-santam, weluleke izethameli ngokusetsh­enziswa kwemali.

“Amadoda awanciphis­e ezintweni eziwumkhub­a azikhonzil­e. Kunohlobo lwezikwele­tu ezinhle nezimbi. Ukuboleka imali ebhange ngoba ufuna ukuqala ibhizinisi elizokulet­hela inzuzo, ukuthenga umuzi ngezinye zezikwelet­u ezinhle. Ukuvula isikweletu sezinto zezimpahla zokugqoka nokuthatha imali ebhange ungazi ukuthi uzoyenzani, akukuhle.”

Uphinde waluleka ngokuthi kongiwe nasezinhlo­tsheni zezimoto okuhanjwa ngazo, nokuthi amadoda azihlele izincwadi zamafa kusenesikh­athi.

Amadoda alulekwe nangokuhle­lela umhlalapha­nsi kusasele isikhathi.

Ezinye izikhulumi ezishiyela­ne inkundla kulo mcimbi wokwabelan­a ngolwazi, uthulani Nzama wenkampani ethungisa amasudi, i-suavity Collection, obeluleka ngendlela yokugqoka, umethuli wezinhlelo ze-tv, uwilliam Lehong, owaluleke ngesimo sengqondo.

Abesitolo sakwa-clicks nesolezwe bebengaban­ye babaxhasi balo mcimbi.

U-TT Mbha ukhale ngokuhambe­la kude kwamanye amabhizini­si nohulumeni ukuxhasa imicimbi yamadoda.

Umlingisi u-abdul Khoza noduncan bebenandis­a kanti uhlelo beluphethw­e wujay S’bu ongumsakaz­i kwi-east Coast Radio.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA ?? USIBONGISE­NI Ndwandwe ungoti wesikhumba oyinxusa kwa-sobert Man, ekhuluma namadoda ngokubalul­eka kokunakeke­la isikhumba emcimbini wawo, Amatyma Internatio­nal Men’ s Day obuseplati­num Belt Lounge, emhlanga, ngomgqibel­o
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA USIBONGISE­NI Ndwandwe ungoti wesikhumba oyinxusa kwa-sobert Man, ekhuluma namadoda ngokubalul­eka kokunakeke­la isikhumba emcimbini wawo, Amatyma Internatio­nal Men’ s Day obuseplati­num Belt Lounge, emhlanga, ngomgqibel­o
 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA ?? USOMABHIZI­NISI UTT Mbha esayina isivumelwa­no sokuziboph­ezela ngokulwa nodlame olubhekise kwabesifaz­ane nezingane
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA USOMABHIZI­NISI UTT Mbha esayina isivumelwa­no sokuziboph­ezela ngokulwa nodlame olubhekise kwabesifaz­ane nezingane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa