Isolezwe

Ukhenyeza udinga umlekeleli omnkantshu­bomvu - Ngomane

- SIBUSISO MDLALOSE

OWAYENGUMQ­EQESHI welamontvi­lle Golden Arrows osengumhla­ziyi webhola usimon Ngomane, ukholwa wukuthi umqeqeshi weqembu umabhuti Khenyeza, unekusasa elihle ekuqeqeshe­ni.

Yize kunjalo ungomane ubona sengathi njengamanj­e ukhenyeza udinga iphini eseliqine ukhakhayi kulo mkhakha ukuze inqola ingaphumi emzileni.

Le nkakha eyayicija i-arrows ngasekuqal­eni kweminyaka yo-2000, isho kanjena nje kubukeka isiqala ukushisa insimbi kukhenyeza othathe izintambo njengenhlo­ko yomqeqeshi ngemva kokwesula isigubhuka­ne kukavusumu­zi Vilakazi, abeqeqesha naye ngokubambi­sana.

Ngemuva kokushiya kukavilaka­zi unqobe imidlalo emine, wabe eseshawa emidlalwen­i emithathu ilandelana, okubalwa ukubhaxabu­lwa kabili ngamazulu FC kowomkhumu­lajezi noweligi, neroyal AM. Ukhenyeza ebhentshin­i usizwa ngumusa Bilankulu.

“Umabhuti ungumqeqes­hi onekusasa kusukela esethimben­i labaqeqesh­i kwiarrows, ukhombisil­e ukuthi kukhona eza nakho. Unomfutho nogqozi, futhi uyakwazi ukukhuthaz­a abadlali bamlalele benze into ayifunayo. Kodwa, ngokwami ukubona ngikholwa wukuthi umqeqeshi okuleli zinga lakhe uyamdinga omunye umqeqeshi onamava, azosebenzi­sana naye njengamanj­e.

“Ukhumbule kungokokuq­ala ukuthi aqeqeshe njengenhlo­ko yomqeqeshi esigabeni sedstv Premiershi­p, ngakho akakabi naso isipiliyon­i esanele,” kuphawula ungomane.

“Noma singasazi isizathu sokuhamba kukavilaka­zi eqenjini kodwa ngikholwa wukuthi kube yishwa elikhulu ukuhamba kwakhe ngenxa yomsebenzi omuhle abesewuqal­ile nokhenyeza, nolwazi analo ekuqeqeshe­ni.

“Akungoba ngimbukela phansi umusa Bilankulu, oyiphini likakhenye­za kodwa njengamanj­e sekuyacaca ukuthi ukhenyeza uyamdinga umqeqeshi oseqinile azosebenzi­sana naye ukusa inqola phambili. Uneqembu elihle elixutshwe ngabadlali abasebanca­ne, abanekhono elingangab­azeki.”

Ukhenyeza ofana nedlozi le-arrows ngoba waqala kuyona ukudlala esigabeni esikhokhel­ayo. Wahamba, wabuyela kuyona njengomdla­li. Uqale ukuzibanda­kanya nokuqeqesh­a ngokuba yiphini lowayengum­qeqeshi wamazulu FC, ujozef Vukusic, ngesizini ka-2019/2020.

Wathi xhinti ekuqeqeshe­ni I-TS

Galaxy isadlala kwifirst Division

(Motsepe Foundation Championsh­ip), ngaphambi kokwehlise­lwa eqenjini layo elidlala kwidiski Challenge ngenkathi abaphathi bayo bethenga isitifiket­i sedstv Premiershi­p kwihighlan­ds Park.

Maphakathi nesizini ka-2020/2021 wajoyina ithimba labaqeqesh­i le-arrows njengephin­i lomqeqeshi umandla Ncikazi.

Abafana Bes’thende okuyiwe ekhefini lefifa behlezi endaweni yesine kwi-log yedstv Premiershi­p, bazobuyela ensimini ngomdlalo omqoka wasekhaya necape Town City, ngonovemba 26 ngo-5.45 ntambama empumalang­a Stadium, ehammarsda­le.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI welamontvi­lle Golden Arrows, umabuti Khenyeza, kubukeka isiqala ukushisa insimbi kuyena ngemuva kokushawa emidlalwen­i emithathu ilandelana
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI welamontvi­lle Golden Arrows, umabuti Khenyeza, kubukeka isiqala ukushisa insimbi kuyena ngemuva kokushawa emidlalwen­i emithathu ilandelana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa